UFoshela (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

UFoshela

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba nisaphila nina beSILO. Nanso-ke iNduku yoBulomo ,iNkunzimalanga lena ngiokwakha uBulomo. Ifana noBuvimbo. Lana uyathandeka izintombi zikwethwale ngeQoma. Iyalwakha uGazi le Nduku angifuni ukungasho. Iyagquma , iyageza, iyaphalaza , iyakhafula . Kanti nabo oMama ka Enzo bayayisebenzisa ngenhloso yokuthandwa ngamaSoka noma ngabaYeni babo. IQhathe noLozilina , uBhubhubhu, uVelabahleke , uMusa , iNhlanhlemhlophe kanye neVumakubangoma omhlophe . Phehla ngoThi lwePhahla bese uyayiphalaza , ngizoyizwa ngawe-ke imiphumela. Ungawufaki kakhulu uLolizilina. Phinda futhi uyiQhathe noBhubhubhu , uBuvimbo kanye neShaladilezinyoka bese uyagquma uphinde ugeze . Hhayi lapho kuhamba isidina sika5 years . Uzothandeka ngenye indlela engakaze ibonwe . Le Nduku amaSoka awayishiyi nangephutha kweziMhlophe . Kuthiwa uFoshela igama layo . Kusebenza amakhasi nezimpande . UFoshela uyaphalaza, uyagquma kanti uyageza futhi . Udila ngokukhipha isidina, wenza umuntu athandeke ngendlela exakile.

*Impande kaFoshela ibuye ibe yinhle nasekwelapheni izilo ezinganeni. Yinhle kwiNgane ehlezi ikhathazwa isisu.

Khumu!


Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo