Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

ISinkwe

Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Nina beSilo ngiyabingelela sesizogoba izinkophe . Lesi silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeSinkwe ngesiZulu, ngesiNgisi kuthiwa i-Bush baby . NgesiNdebele saseZimbabwe sibizwa ngeMpukunyoni. ISinkwe siyilisilwane esingabonakali kalula kwazise uma kusemini sisuke sizilale , sizingela kakhulu uma sekuhlwile sekuhwalele . Kanti nakhona emini siyazingela uma sihlaselwe inkemane. Sidla izinyoni , esizivimbezela ezidlekeni , sibuye sidle nezinambuzane ezindiza ebusuku, emini sibamba iziBankwa , iziNtulo nazo zonke izilwanyana. Kuthiwa iSinkwe simitha izinsuku ezingama 110 kuya kuma 116 okusho ukuthi izinsuku ezevile ezinyangeni ezintathu. Lesi silwane kuthiwa sisengcupheni yokushabalala ngenxa yokuthakwa kakhulu emithini yaBelaphi beNdabuko. Kuthiwa lesi silwane siyakwazi ukuphila u-16 weminyaka uma singabulewe, noma ngaphezulu. ISalukazi seSinkwe noma iKhehla leSinkwe kuyathanda ukuzihlalelwa ngakodwana, kanti uma kusekusha kudlala kuyimihlanjana engacela eziNkweni ezinhlanu kuye ngokwanda kwakho kuleyo ndawo. ISinkwe siziphilisa okweNkawu , siyakwazi ukugxuma sisuke esihlahleni esithile siye kwesinye njengayo iNkawu . Sihle kakhulu ekubambeleleni , asigeji, sinjengayo iNkawu. Kanti uma sithe sabamba asidedeli. Ngalokho -ke , aBelaphi beNdabuko basebenzisa kakhulu isandla seSinkwe ekwelapheni. Belapha ngaso umuntu oshwaywe yiStroke phecelezi ofe uHlangothi. Baye basithake neminye imithi nokho. Ikhanda kanye nobuchopho beSinkwe kungena eMbhemisweni obhenywa umuntu ohlushwa isifo seSithuthwane phecelezi u’kudlikisa” .ISinkwe siyathanda ukuzifisa uma sibulawa ngamaPhisi, sifana neMbulu. UMsila weSinkwe ungena eNdukwini yokucupha umuntu ophingayo.

Khumu!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeKhubalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo