Incazelo ngeSiphephetho  ( Siphonochilus aethiopicus )

ISiphephetho …

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayiwa ukulila ! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni… Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiSiphephetho igama layo , oSosaseyensi bayibiza nge Siphonochilus aethiopicus . NgesiNgisi le Nduku ibizwa Natal Ginger, noma Wild Ginger. AmaBhunu ayibiza nge Wildegemmer . Nina beSilo abantu abansundu bakholelwa ekutheni le Nduku ivimbela izinyoka uma  itshalwe ekhaya , kuthiwa ifana neShaladilezinyoka. Le Nduku ibuye yaziwe ngeNdungulo. ISigaxa sayo siyadliwa , siye siphekwe kuqala bese sidliwa njengoBhatata. Bathi sinoVithamini B3 kanye noVithamini B5. UVithamini B3 welekelela kakhulu isikhumba , usenza sihlale sigezekile , singabinazo izinsumpa futhi sivikele ekuhlaselweni izilonda noma ukudumba . Kanti uVithamini B5 wona uhlakaza amafutha emzimbeni futhi welekelela nangokunika umuntu amandla phecelezi energy . Le Nduku nina beSilo kubuye kukholelwe ekuthenini uma itshalwe ekhaya iyalivikela ikhaya ezintweni eifana noMphezulu, imimoya emibi kanti ibuye iliphe nesithunzi , ilenza lihlonipheke.

Ibuye yenzeni le Nduku?

Nina Mbube le Nduku ibuye ibe wumuthi omuhle wamanxeba , sonke isithombo sayo siye sonyiswe bese siyagaywa sibe yimpuphu eyonanyekwa emanxebeni nasizolondeni. Isithombo sayo sibuye sibiliswe sibe yiSiphungo esishisa izilonda ngaphakathi , esinyeni , esifubeni , esiswini kanye nakuyo yonke ingaphakathi . Lesi Siphungo sihle nakwiZinso , iSifuba kanye nokungaphefumuli kahle okudalwa izilonda emaphashini.  Kulesi Siphungo kuphuzwa iNgilazi eyodwa kanye ngosuku okwezinsuku ezine . Uma lesi Siphungo singakusebenzeli kudingeka uyobona uDokotela kwazise phela lemithi enoVithamini B3 akufanele iphuzwe njalo ngoba ilimaza isibindi ngenxa yamandla enawo. ISiphungo seSithombo sale Nduku siyakuqeda nokuqaqanjelwa ngamathambo . Sihle futhi nakwizindawo ezidumbile ngaphakathi esiswini. Izigaxa zale Nduku ziyaphekwa njengoBhatata , zidliwe njeBhulekifasi ekuseni , akufanele zidliwe nsukuzonke ngoba zinoVithamini B3 . Le Nduku iyangena nakwiZiphephetho zokulanda , kungaba yimali noma isithandwa .


Khumu!

Niphile nina beSilo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo