Incazelo ngezifo ezazixake oKhokho bethu endulo

Incazelo ngezifo ezazixake oKhokho bethu endulo

#Kuloba u-Kholo Khumalo INxazonke

Endulo babengakabikho oDokotela, oKhokho bethu babethembele olwazini lwabo ngemithi yesintu. Kulolo lwazi kwakuba khona ulwazi lokwelapha isifo uma sesingenile emzimbeni womuntu, kanye nolwazi lokugoma nesingakubiza ngokuthi i-vaccination ngolwimi lokwebolekwa. Ake sibheke izifo ezadlanga kakhulu ngesikhathi soKhokho bethu

(Nagana Disease)

Lesi sifo sadla lubi ngesikhathi seNgonyama u-Shaka kuya esikhathini seNgonyama u-Dingane, kwedlulela nasesikhathini seNgonyama yakwaNodwengu iNyonyama u-Msimude. I-Nigana Disease isifo esasibangelwa uhlobo lwezibawu olwalubizwa ngokuthi i-Nagana noma Tsetse flies . Abantu bakwaZulu lolu hlobo lwezibawu babelubiza ngokuthi u-Nakane, kanti nanso lesi sifo babesibiza ngokuthi u-Nakane kususelwa kulolo hlobo lwezibawu. Lolu hlobo lwezibawu lwaxaka kakhulu koNgwavuma, Manguzi , Jozini, Dalagubha(Delagoa Bay, Mozambique) , Zambezi, Zambia nakoMosi oa tunya lena lapho sekuyi-Victoria Falls khona namuhla. Kuthiwa kwakuthi uma umuntu elunywe u-Nakane wayengaziqedi izinsuku ezintathu esaphila, wayesheshe ashone. Kuthiwa u-Nakane lwalubulala ngisho nemfuyo imbala, lwalungagcini ngokubulala abantu, kepha lwalubuye lushaye nasesibayeni. Ngakho-ke lezo zikhathi kwabe kuyizikhathi ezinzima kakhulu. Kuthiwa kuhambe kwahamba abantu abansundu bagcina sebeyitholile indlela yokuzivikela kulesi sifo soNakane ngoba basebebonile ukuthi sasisuka ezibawini. Kuthiwa bagcina sebewutholile umuthi wokuzivikela kulesi sifo , lowo muthi kuthiwa watholwa noma ngithi wavundululwa (discovered) izinyanga zabaNdawu balena eSabe buqamama nalapho sekuseSofala khona eMozambikwe . Kuthiwa abantu babechela ngawo imfuyo yabo, babuye bazigcobe ngawo emizimbeni. Kuthiwa kwakuthi uma sebenze njalo izibawu zazingasondeli nakusondela. Le ndlela yokuzivikela ku-Nakane kuthiwa yasabalala yaze yagcina isifinyelela nakubantu bakwaTembe kanye nabakwaNyawo . Abantu bakwaTembe sibathola endulo benkanise lapho sekuseJozini, kanti oNyawo bona sibathola eNgwavuma. Le ndlela yokuzivekela igcine isisetshenziswa nangumlungu owayedume kakhulu ngaleso sikhathi okuthiwa ngu-Kaputeni William Owen we-British Navy , lensizwa yayingu-mngane omkhulu weSilo sikaGasa iSilo u-Soshangane ka Zikode Nxumalo. Yiyona -ke eyagcina eyagcina itshele amaPutukezi ngalendlela yokuzivikela ku-Nakane. Eqinisweni elimsulwa lena kwabe kuyiyona yodwa indlela yokuzivikela ku-Nakane ngaleso sikhathi ngaphambi kokuba kutholakale ikhambi elatholakala ngesikhathi seSilo u-Jininindi. Yayingekho enye indlela. Le ndlela yokuzivikela yephuza kakhulu ukufinyelela kubantu beNgonyama u-Shaka . Ngisho nezinhloli zeNgonyama u-Shaka akukho okutheni ezakucosha ngalesi sifo esasixakile enhla nezwe, zacosha impela ukuthi sasikhona lesi sifo , kodwa azizange zicoshe ngobungozi baso. iZinhloli zeLembe lesi sifo zazisibiza ngokuthi yi-Mbo. Izimpawu zesifo soNakane , umkhuhlane, uqhuqho,ikhanda elinkenkethayo, ukudumba umzimba , ukungalangazeleli ukudla,kanye nokulahleka kokunambitheka kokudla .Ngowe 1828 iNgonyama u-Shaka yaphaka impi eyaphikelela khona kwaGasa ,kwaSoshangane yayohlasela. Kukuleyo mpi lapho kwanyomuka khona aBaNtwana oMhlangana, noDingane bazobulala iLembe bekanye noMntwana uMbopha waseGazini. Impi yeNgonyama u-Shaka yathi uma ifika kwaSoshangane yazithela phezu kwezibawu zohlobo loNakane, lwazitika kuyo ,kwazise yona yayingazivikele . Maningi amaQhawe akwaZulu afa ebulawa u-Nakane , abanye baze bethi iSilo sikaGasa sahlasela ngezibawu kube sengathi lezo zibawu zaziluma uZulu yedwa kanti qha, abakwaSoshangane babengalunywa ngesizathu sokuthi babegomile, babezivikele. Ikhambi lokwelapha u-Nakane lize latholakala ngesikhathi seNgonyama u-Jininindi litholakala eNgilandi. Emaqhaweni asala kwwSoshangane singabala noMntwana u-Nzibe ka Senzanzangakhona uYise woMntwana u-Hhamu ka Mpande Zulu. UMntwana uNzibe wayelama iSilo u-Mpande bezalwa uNkosikazi weNkosi uSenzangakhona okaNgotsha u-Songiya ka Ngotsha wakwaHlabisa . UMntwana u-Nzibe wayelanywa uMntwana u-Ntikili owendela eNkosini u-Mayanda ka Viyana Mkhwanazi wazala uMntwana u-Somkhele iMboza.

Please don’t copy and paste

* U-Nakane wabuye waxaka nempi yeSilo sikaMthwakazi iSilo u-Mzilikazi lapho wabulala khona iButho le Nqama elaliholwa iNduna u-Somhlolo ka Mahlikivana waBaKhwanazi ngowe 1840 endaweni lapho sekuyi-Victoria Fall ngaseMfuleni omkhulukazi i-Zambezi. Kusuke kushiwo sona leso sigameko ezibongweni zeSilo u-Mzilikazi uma kuthiwa ‘Uze ugawule ubuye nganeno wena kaSokhumalo ngoba uNakane ludl’umunyu emfundeni yeZambezi”

(ISifo Influenza) (iFuleza)

Eqinisweni ukufakwa kwezimfonyo akuyona into esiyiqala manje, zike zafakwa nangowe 1918 ngenxa yesifo influenza ukuthiwa sasisabaliswa ukuthimula kwabantu, ukukhwehlela kanye nokuzamula. Abantu bakwaZulu babesibiza ngokuthi yi-Fuleza. Lesi sifo saqala ngoNdasa ka 1918 kwaze kwaba uNdasa ka 1920 nokuchaza ukuthi sahlasela impela iminyaka emibili yonke. Lesi sifo sasibangelwa igciwane elibizwa ngokuthi “i-H1N1 influenza A virus “. Lesi sifo sadlula nendodana ka Gampu ka Maqhekeni Sithole u-Dlomo ka Gampu owayebuye aziwe ngelika Ndlomdaka . U-Dlomo wayezalwa yi-ndodakazi yeSilo u-Lobhengula u-Gugwana owayegane u-Gampu ka Maqhekeni. Ngesikhathi seFuleza abantu babezivikela ngakho ukugqoka izimfonyo njengoba senza namuhla.

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo