Umlando ngoYamela ka Phangandawo Shange

 

UCynthia Shange,owake wadla isicoco sika Nobuhle. Manje udlala emidlalweni ka Mabonakude :

Umlando ngoYamela ka Phangandawo Shange

Abantu bakwaShange bawuzalo lweNkosi uSibiside yakwaMkhize.UShange okwaqambeka ngaye isibongo kuthiwa wabe engenye yamadodana eNkosi uSibiside Mkhize,esendeni likaShange kuphuma abantu bakwaShange,abakwaMdima nabakwaDumakude.UShange uzele u-Dumakude yena ozele u-Mdima , uSondlovu noNongama.UMdima uzele uNojobo noNqaga.UNojobo uzele uLushozi,uPhangandawo,uNondumo, uGajana noMgubela.NguPhangandawo-ke ozele uYamela esixoxa ngaye namuhla.UYamela wasuka kwelakubo eNadi eduze kwaseGreytown wayokwakha eShowe lapho afike aba uNongqayi, oNongqayi amaPhoyisa kaMalimade(Melmoth Orsborn okwaqanjwa ngaye iDolobha laseMelmoth).UYamela wagcina ebekwe njengeNkosi ebekwa nguye u-Malimade, kwakuqala ngaye u-Yamela ukuba yiNkosi yakwaShange kwazise nakwaMkhize babengeyona iNdlunkulu. Ngenkathi kulwa impi yaseSandlwana uYamela wayibamba ngakuMaNgisi.INkosi uYamela yakha umuzi wayo eyawubiza ngokuthi kuseNkanini iwakha lapho kwakungumuzi weSilo u-Mpande owawubizwa ngokuthi kuseZulwini ,kwabo ka Mntwana uDabulamanzi ozalwa yiNkosikazi okaNsiyane Qwabe.ONongqayi yibona abafike esigodlweni saseZulwini angena ngendlovu iyangena,kwathi uma bebuzwa ukuthi babezokwenzani baphendula ngokuthi bazongena ngenkani,laqambeka kanjalo -ke igama lomuzi weNkosi uYamela,elisekhona namanje.INkosi uYamela ka Phangandawo yaganwa ngamakhosikazi ayishumi nesikhombisa (17),yazala izingane ezingamashumi amane nesikhombisa (47).Ngemuva kokukhothama kweNkosi uYamela kwabusa indodana yakhe uMgomo owalandelwa indodana yakhe uSinxi owalandelwa indodana yakhe uKwazikwakhe owalandelwa indodana yakhe iNkosi uVela .Singasho nje ukuthi isizwe sakwaShange esiseShowe eNkanini naseMamba sazaleka ngobuqhawe bokusetshenziswa kukaYamela ka Phangandawo ngamaNgisi.Abanye abasetshenziswa yiwo amaNgisi uNgoza ka Ludaba Majozi,uMntwana uZibhebhu, uMntwana u-Hhamu,uMgitshwa ka Mvundlana Biyela kanye nabanye abaningi.UYamela nabangane bakhe babehlonyiswa ngezikhali ngamaNgisi balwe nabantu ababengathembikile eMbusweni wamaNgisi.Balwa empini yakwaCeza,nakwaHlophekhulu ngowe 1888

Khumu!

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo