Umlando ngoYamela ka Phangandawo Shange

Umlando ngoYamela ka Phangandawo Shange.

UCynthia Shange,owake wadla isicoco sika Nobuhle. Manje udlala emidlalweni ka Mabonakude :

Abantu bakwaShange bawuzalo lweNkosi u-Sibiside yakwaMkhize. U-Shange okwaqambeka ngaye isibongo kuthiwa wabe engenye yamadodana eNkosi u-Sibiside Mkhize, esendeni likaShange kuphuma abantu bakwaShange, abakwaMdima nabakwaDumakude. U-Shange uzele u-Dumakude yena ozele u-Mdima , u-Sondlovu noNongama. U-Mdima uzele u-Nojobo noNqaga. U-Nojobo uzele u-Lushozi , u-Phangandawo, u-Nondumo, u-Gajana noMgubela. Ngu-Phangandawo-ke ozele u-Yamela esixoxa ngaye namuhla. U-Yamela wasuka kwelakubo eNadi eduze kwaseGreytown wayokwakha eShowe lapho afike aba uNongqayi, oNongqayi amaPhoyisa kaMalimade (Melmoth Orsborn okwaqanjwa ngaye iDolobha laseMelmoth) . U-Yamela wagcina ebekwe njengeNkosi ebekwa nguye u-Malimade, kwakuqala ngaye u-Yamela ukuba yiNkosi yakwaShange kwazise nakwaMkhize babengeyona iNdlunkulu. Ngenkathi kulwa impi yaseSandlwana u-Yamela wayibamba ngaku-MaNgisi. INkosi u-Yamela yakha umuzi wayo eyawubiza ngokuthi kuseNkanini iwakha lapho kwakungumuzi weSilo u-Mpande owawubizwa ngokuthi kuseZulwini ,kwabo ka Mntwana u-Dabulamanzi ozalwa yi-Nkosikazi okaNsiyane Qwabe. ONongqayi yibona abafike esigodlweni saseZulwini angena ngendlovu iyangena , kwathi uma bebuzwa ukuthi babezokwenzani baphendula ngokuthi bazongena ngenkani, laqambeka kanjalo -ke igama lomuzi weNkosi u-Yamela, elisekhona namanje. INkosi u-Yamela ka Phangandawo yaganwa ngamakhosikazi ayishumi nesikhombisa (17), yazala izingane ezingamashumi amane nesikhombisa (47). Ngemuva kokukhothama kweNkosi u-Yamela kwabusa indodana yakhe u-Mgomo owalandelwa indodana yakhe u-Sinxi owalandelwa indodana yakhe u-Kwazikwakhe owalandelwa indodana yakhe iNkosi u-Vela .

Singasho nje ukuthi isizwe sakwaShange esiseShowe eNkanini naseMamba sazaleka ngobuqhawe bokusetshenziswa kuka-Yamela ka Phangandawo ngamaNgisi. Abanye abasetshenziswa yiwo amaNgisi u-Ngoza ka Ludaba Majozi, uMntwana uZibhebhu, uMntwana u-Hhamu, uMgitshwa ka Mvundlana Biyela kanye nabanye abaningi . U-Yamela nabangane bakhe babehlonyiswa ngezikhali ngamaNgisi balwe nabantu ababengathembikile eMbusweni wamaNgisi. Balwa empini yakwaCeza, nakwaHlophekhulu ngowe 1888


#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo