Umlando ngoNgoza ka Ludaba Majozi iHlaba

Umlando ngoNgoza Majozi iHlaba

U-Ngoza ka Ludaba Majozi wagqama kakhulu ngesikhathi seSilo u-Cetshwayo, wayeyiNduna ka Somtsewu ka Sonzica (uMlungu u-Theophilus Shepstone). Babebabili oNgoza kwakukhona u-Ngoza ka Mkhubukeli waBaThembu owabe ebusa aBaThembu lapho sekuseMnambithi khona namuhla, bese kuba khona u-Ngoza ka Ludaba Majozi iNduna ka Somtsewu kwaNobamba eWeenen. Umuzi ka Ngoza Majozi wawubizwa ngokuthi kukwaZenzele. U-Ngoza Mthembu wayephila ngesikhathi seSilo u-Shaka futhi wagcina elwe naso wehlulwa waphikelela eKoloni nokuyilapho akhothamela khona. Kuleya ndawo yaseKoloni kwakukhona abanye aBaThembu beNkosi u-Ngubengcuka abaseyingxenye yaBaThembu bakwaMtirara Madiba abathakazela ngokuthi Dlomo Zondwa zintshaba Hhemu-Hhemu njalo njalo, baseyingxe futhi yaBaThembu beNkosi uBuyelekhaya Dalingcebo. Ngenkathi u-Ngoza Mthembu esuka kwaZulu washiya amadodana akhe amanye awo asala eButhelwa eMaButhweni akwaZulu. Amadodana eNkosi uNgoza Mthembu esiwabona egqama kakhulu emlandwini wakwaZulu u-Nhlakamuzi owasala empini yakwasoshange ngowe 1828 ngesikhathi seSilo u-Shaka, kanye noNodada owalwa eNcome ngesikhathi seSilo u-Dingane ngowe 1838 ku-Zibandlela mhla zingama 16. U-Ngoza Majozi yena wayebuthelwe eButhweni leHlaba nokuyiButho elabuthwa iSilo u-Dingane ka Senzangakhona ngowe 1837 , lokho kuchaza ukuthi u-Ngoza Majozi wayemdala eSilweni u-Cetshwayo ka Mpande ngoba sona sasesesincane kakhulu ngalowo nyaka kuButhwa iHlaba . Abantu bakwaMajozi beyingxenye noma ngithi bahlobene nabantu bakwaNala,Shezi kanye nabakwa Mnomiya. UKhokho wabo ngu-Mchube , amadodana eNkosi uMchube esiwabona egqama kakhulu kwaba u-Shezi, u-Majozi, u-Mnomiya noNala. Wonke lamadodana eNkosi u-Mchube agcina esezele izibongo. Empini yaseNdondakusuka u-Ngoza Majozi walwa ngasohlangothini loMntwana u-Mbuyazwe nokuwuhlangothi lweZigqoza, ezazilwa noSuthu loMntwana u-Cetshwayo okuyilona olwadla umhlanganiso. Ngaleso sikhathi u-Ngoza kaLudaba wayevele esezibandakanye ngokuphelele namaNgisi kwazise nawo ayegqishe neZigqoza eNdondakusuka, kodwa uSuthu lwawudla kunjalo umhlanganiso. Kwathi ngemuva kwempi yaseNdondakusuka uNkosikazi u-Monase kaMntungwa Nxumalo nabanye aBaNtwana oMkhungo, oSikhotha nabanye babekwa ngaphansi kukaNgoza Majozi bebekwa u-Somtswewu ukuba ababheke. UDadewabo kaNgoza wagana uLamula Mabaso kwazalwa u-Nyathi iNkosana kaLamula, kuyileso sizathu u-Nyathi ebongwa ngokuthi “UyiNyathi emnyama kaLudaba” , u-Ludaba nguYise ka Ngoza Majozi. Umuzi kaNgoza wawubizwa ngokuthi kukwaZenzele.

Kwathi ngemuva kwempi yaseNdondakusuka uNina woMntwana u-Mbuyazwe u-Monase ka Mntungwa Nxumalo nabanye aBaNtwana oMkhungo, oSikhotha kanye nabanye babekwa ngaphansi kukaNgoza ka Ludaba Majozi ukuba ababheke.

#Khumu!

Izibongo zikaNgoza Majozi

UNdimindwane edl’imnkantsha!
UMasonga kubonakale
UMbheduka njengesona
UMaphiliphili,
Unjengezulu liphendule
UMshuqumbane wezintaba!

UMphuhlane,
Ophuhle phakathi kwezintaba zombili
ISamvula noMkhambathi
UMsongi wensimbi
Ayibek’ekhanda
Athi khon’amagwal’ezombalekela

UMaheje uyadlala ,
UMhlandl’uvel’obala
UDambis’ugwalabezi
UMaqham’ehlezi
Ididi lakithi kwaNgabayena

Ngimbon’evela ngakwaZenzele
Ngamhawuka
Ngathi: A! Kant’uyena!
UNodumehlezi,
UMabalanganzipho

USiphuphuma njengo mqungo
UManyelindlela yakwaDadewabo
UNontandakubukwa njengesiyaphu
Animtsheli ngani bafokazana?
Anona ngako uMntakaLudaba

Nathi masenimuka nase ninyenya
Akwaba njengokuza nigijima!
Nithwel’imithwalo ngezinyembezi
Wanibek’endaweni nancibilika
Nahamba senikhuluma ngaye-
UMntaka Ludaba

Nalingis’impungana, esematsheni
Sitsheleni isahlukaniso
Esahlukanis’uMajozi noMkhize

#Ulibinda

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo