Incazelo ngeNgede   (Honeyguide , iNhlava, iNtak’obusi)

INgede ( Honeyguide)

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule abagawu abebesi! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! # ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu .. Sisaphila thina eMantungweni.

INgede:

Nina beSilo le nyoni eniyibona esithombeni kuthiwa yiNgede igama layo , ibuye yaziwe ngeleNhlava. NgesiXhosa ibizwa ngeNtak’obusi. Ngesingisi ibizwa ngeHoneyguide. Nina beSilo le nyoni iyaluthandwa uJu lwezinyosi hhayi indaba yokudlala . Ingumngane omkhulu weNsele . Le nyoni inhle kakhulu kwezoMkhondo nina beSilo , iyakwazi ukulandela inyosi eyodwa ebikade izoncela ukudla embalini iyilandele ize iyothola ukuthi izinyosi zakhe kuphi . Kanti nasekuhogeleni lapha yinhle kakhulu . ***Ubuchopho bayo buyangena kwiMibhemiso yokuhogela , buyangena eMibhemisweni yeZangoma yokubhula , naseMibhemisweni yoThwasa abayibhema ngenkathi besaphehlwa , besavivinywa befihlelwa izinto ePhehlweni. Buye buthakwe nemithi efana noMkhondweni , oMoyawezwe kanye nezinye iziNduku. Le nyoni iyangena nasemthini yokubuyisa into elahlekile. Iyangena nakuMabutho athunywa ukuyolanda . *****. Lenyoni nina beSilo iyaluthanda uJu , futhi yinhle kabi ekutholeni izinyosi …. Kodwa ayinawo amandla okuziphandela , noma awokuzitapela , iye ithembele kubantu nakwiNsele. Ukuze igcine ilutholile uJu lwezinyosi iye ibizele abafana izinyosi uma besekwaluseni . Iye ibaholele kuzo izinyosi ngethemba nangenhloso yokuthi nabo phela  bazoyibonga ngokushiyela amakhekhe ambadlwana . Uma bengayishiyeli , ngokuzayo iyaqinisekisa ukuthi ibaholela entweni enobungozi njengoHolokoqo lweMamba, izilwane eziyingozi njengeNgwe njalo njalo . ***Omunye kade ebuza kuFacebook ethi “ibabona kanjani abafana ukuthi kuseyibona abayincisha izinyosi”? Kulula kakhulu ngoba abafana uma belusile baye bahambe beyiQoqo futhi abawashintshi amadlelo. KuneZaga ezikheka ngalo lolu hlobo lwenyoni. Esokuqala sithi “ Ungayishayi iNgede ngoJu” .Esesibili sithi “INhlava iyabekelwa “, NgesiXhosa kuthiwa “UNgayilibali iNtak”obusi”. Incazelo yazo zonke lezi Zaga iphathelene nokungabongi..

Khumu!!

Niphile nina beSilo . Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo