Incazelo ngoMkwampunzi    ( Grewia monticola)

UMkwampunzi

Nina abakaMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela ! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimhlambi yezinyamazane! #ISilo uMpande leso.ISilo sakithi kwaNodwengu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lo muthi 2 eniwubonayo kuthiwa uMkwampunzi igama lawo, ubuye ubizwe ngoMhlampunzi noma ngoMklampunzi. NgesiLungu ubizwa ngeGrey raisin noma Silver raisin. AmaBhunu awubiza nge Vaalrosyntjie. OSosayensi bawubiza nge Grewia monticola . Lena kwelakwaNgwane waziwa ngoMsiphane .Ka se Tswana bare ke Mogwana . Lo muthi usemndenini owodwa neKlolo. Lo muthi muhle kabi ekwakheni iziNduku , iNduku yawo ayephuki kalula, ifana neyoMqalothi.

Yenzani -ke le Nduku?

Nina beSilo amacembe oMkwampunzi athandwa kakhulu izilwane ezifana nayo iMpunzi , amaQhina , iziNkomo ,iziMbuzi kanye nazo zonke izilwane zaseNdle kanye nezifuywayo. Kuthiwa amnandi futhi ayazikhuluphalisa izilwane. UMkwampunzi kubuye kwenziwe ngawo iziNduku. Njengalo iKlolo , uMkwampunzi muhle nakuMvusankunzi. Kusebenza impande yawo , iyathakwa eziMbizeni zoMvusankunzi. Iyathakwa futhi nakwezoMzimba omubi, iqeda izinduna , izilonda ngaphakathi nangaphandle. Impande yale Nduku iye yonyiswe bese iyagaywa kwenziwe ngayo impuphu enanyekwa emanxebeni kanye nasezilondeni. Le mpuphu iba mandla kakhulu uma usuyithake namafutha eNhlwathi. Impande yale Nduku iyangena nakwezokuphindisa . Iyangena kwezezitha . Iyintelezi echitha izitha , iye ithakwe noChithibhunga , uMadodaziwula kanye nezinye izinduku.


Khumu!

Niphile nina beSilo . Isithole sale Nduku sisithole kuFacebook ka Sibonakaliso Myeni. Vakshela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo