Amagama ezinkanyezi

Izinkanyezi

Amagama ezinkanyezi

Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe.Endulo ayekade engekho amaWashi,ayengekho futhi namaKhalenda kodwa lokho akusho ukuthi oKhokho bethu babengakwazi ukubona uma sekuzokwethwasa iHlobo,uBusika,iKwindla njalo njalo. Enye yezindlela ababebona ngayo kwakuba yi-zinkanyezi. Izinkanyezi zinesikhathi sazo sokuphuma,kukhona eziphuma eNhlobo, eBusika,eNtwasahlobo njalo njalo.Ake sibheke ezinye zezinkanyezi azazibululekile koKhokho bethu.

1.INkwenkezi

-Uhlobo lwenkanyezi oluye luvele ekuseni ngezikhathi zoJulayi,iNkwenkwezi ikhanya ithi bha icishe ikhanyise okoNyezi.

2.UMthala

– Lezi izinkanyezi ezivela zibe ningi zenze isixhobo , zanda kakhulu eHlobo. Ungalala zibheke endaweni ethile , kodwa kuyothi kusa sezibheke kwenye indawo.

3.INtshola

-Uhlobo lwenkanyezi oluvela ekuseni kakhulu ngezikhathi zoSepthemba. INtshola ibuye ibizwe ngeQhubankomo ngoba iphuma ngesikhathi okuthiwa ngesokwebiwa kwezinkomo.

3.ISicelankobe

– Inkanyezi evela elandele ukushona kwelanga

4.ISandulela

– ISandulela sikhanya kakhulu, sivela kuphela eNtwansabusika(eDlinza)

4.ISilimela

-Lezi izinkanyezi eziphuma zibe isixhobo ngaseNyakatho, iSilimela siphuma kwesikaBhadakazi 

5.INdonsa/INdonsakusa

-Lena yinkanyezi ephuma kuqala uma sekuyosa ,ihole ezinye ngokushesha. Iphuma entathakusa,ibe khona kuze kuse.

6.IKhwezi.

-INkanyezi enkulu lena ekhanya ngokugqamile. Iphuma entathakusa,ilandelana neNdonsa.

7.INdonsamasuku

-INkanyezi enkulu ebomvu,iphuma ebusuku sekulele wonke umuntu. Sekuqala ukuchathama abathakathi.

8.ONdweliyana

-Uhwezane lwezinkanyezi olukhanya sakufikiza. Lubuye lubizwe ngoNdwendweni

9.INsasa

-Uhlobo lwezinkanyezi olukhanya kakhulu,luyisixukwana.

10.ISiphambano saseNingizimu

-Lezi izinkanyezi eziluhoyi, zenza umfanekiso wesiphambano obheke eNingizimu.

11.ISindwengama

-Uhwezane lwezinkanyezi oluvela ngezikhathi ezithize , aluveli zikhathi zonke

12.INqonqoyi

-Enye yezinkanyezi eziphuma entathakusa,abanye bathi kuseyinkanyezi eyodwa neNdonsa.Elinye igama layo kuthiwa yiNqongolozi

Ake ngime lapho bakwethu

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wami osihloko sithi Kholo Khumalo TV.

#Khumu

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo