
UBhubhubhu.
Incazelo ngoBhubhubhu
Nina abakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.UNomakhwelo iNgonyama unhlanya olusemehlweni amadoda.ISilo uShaka leso,ngethemba basaphila abeSilo.
UBhubhubhu
UBhubhubhu wuBulawu obukhulu beDlozi.Wumuthi othi lapho uwuphehla okhambeni ukhiphe elikhulu igwebu,elihle elimhlophe qwaba.Uye usebenze kahle kakhulu uma uwuphehle ngothi lwePhahla.Uyaphalaza lomuthi,uyageza futhi uyagquma.Kusebenza kakhulu izimpande ,ziwuBulawu beDlozi,zingena eGobongweni elimhlophe leDlozi.Zinhle futhi nasekugezeni aManzamnyama,noma iDlozi eliphenduliwe.Lona wumuthi okhonzwe kakhulu abaNgoma noThwasa.Ucacisa amaphupho,uqede nemihayizo.Wenza umuntu athandeke,wakha olukhulu ugazi.Izimpande zoBhubhubhu zibuye zingene naseMibhemisweni ebhenyiswa abantu abagula ngengqondo . Amakhasi awumuthi omkhulu wesiyezi, ayabiliswa, bese eyaphuzwa.Lo muthi uBhubhubhu ukhonzwe kakhulu izinsizwa ezingamasoka, ezeshelayo.Aziwushiyi lapho zithaka iNduku yazo yokuphalaza.Ziwuthaka emithini emhlophe ,efana noNhlanhlemhlophe, uVumakubangoma omhlophe, uZeneke, uMusa neminye.Lo muthi wakha olukhulu ugazi ensizweni,ufana noBuvimbo.Ekwakheni uGazi uBhubhubhu unamandla ngisho uwodwa vo.Uma uzophalaza ngawo,ugeze uphinde ugqume.Muhle uBhubhubhu nakwezamaBhizinisi,awudonsi awudonsi wenza umhlola.Muhle uma uzowushisa kanye namafutha eNhloli ngaphambi kokuvula.Uyangena kwiZibinge ziBhizinisi.Muhle uBhubhubhu nakwezenhlanhla,kwezokugembula,kwezenhlanhla yemali,muhle futhi nakwezokuvula inhlanhla evalwe abathakathi.Muhle uBhubhubhu nakwezokucija uBhoko lweSisu.
Khumu!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi@kholokhumalotv