Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha

Umlando ngoManyosi ka Dlekezela Mbatha

Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni.Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama uShaka,uDingane kanye noMpande.Kuthiwa yayondlekile,iqatha, isukile naseGadeni,iyinde ilaphaya.Kuthiwa le nsizwa yayidume ngokudla imbuzi iyodwa vo iyishaye iyiqede maqede yehlise ngomhluzi wayo wayo kanye nezinkanjana zamankwebevu.Kuyileso sizathu into ka Dlekezela yazimuka kakhulu, yaba nesisu esikhulu.Kuthiwa ize uManyosi wayeqatha ezimukile kodwa kwakuthi uma sekuliwa agxume awuzwa nhlobo umzimba wakhe owabe umkhulu,singasho nje ukuthi ubuqhawe bakhe babuthi abufane nobuka Nozishada ka Maqhoboza Nzuza kanye noMbiko ka Madlenya Masuku nabo okuthiwa babekhuluphele kodwa kwakuthi uma isinyathela awabantwana bahlabane kakhulu bagonise izitha amathumbu.UManyosi ke yena wayengagcini ngokuba liQhawe kodwa wayebuye abe uSomahlaya weziNgonyama kusukela eNgonyameni uShaka kuze kube seNgonyameni yakwaNodwengu uMsimude.Kuthiwa wayededela amahlaya anzima kabi okaNdabezitha,zihleke iziNgonyama kuze kube buhlungu izisu.Kuthiwa imfuyo yakhe yayibulala inyoka okaNdabezitha, izinkomo kunguChibidolo uqobo, ezithola ngokuxoshiswa iziNgonyama uma ehlabane empini, ezinye ezithola ngawo amahlaya.IButho lakhe kwakuyiZimpohlo nokuyiButho elaButhwa iNkosi uSenzangakhona ka Jama,ngesikhathi seNgonyama uDingane iNduna enkulu yeZimpohlo kwabe kunguNzobo ka Sobadli Ntombela (uDambuza Mthabathe)owayebuye abe yiSekela likaNdunankulu weZwe uNdlela ka Sompisi Ntuli.UManyosi wahlabana kakhulu empini kaZulu noNdwandwe,lempi kuhlawumbiselwa ukuthi yalwa ngowe 1819 ngemuva kokukhothama kweSilo uDingiswayo kaJobe.UZulu wawungaphansi koMbuso weLembe ngaleso sikhathi,kanti uNdwandwe wona wawubuswa iSilo uZwide ka Langa.Lempi yalwa izikhawu ezintathu, esokuqala kwaba esakwaGqokli eGqumeni,esesibili kwaba eseseMhlathuze kanti esokugcina salwa eHlathini laseNkandla lapho uZula wadla khona umhlanganiso.NguManyosi ka Dlekezela owaqala ukuthela othulini izinsizwa zakwaNdwandwe ngeKlwa.Kuthiwa ngenkathi kusakloledelwana eGqumeni lakwaGqokli amaNdwandwe ayegcona izinsizwa zikaZulu ngokuthi ayeqoshamise okwezimfene laphaya eGqumeni kwaGqokli.Kuthiwa uManyosi wathukuthela waphuma esixukwini sikaZulu wayosho eMaButhweni kaNdwandwe wafika wagwaza ambalwa wawuthela phansi aphangalala, kwavele kwaba wukusuka kwayo-ke impi,yadumelana yabambana ngezihluthu.NakwaSoshangane uManyosi waba yingxenye yeMpi yeLembe eyasinda kuNakane olwabulala amaButho amaningi eLembe,singabala kuwo noMntwana uNzibe ka Senzangakhona.Ngemuva kokukhothama kweSilo uShaka uManyosi waqhubeka nabo ubuQhawe bakhe ngaphansi kweSilo uDingane,waqhubeka futhi nangamahlaya akhe.Kuyileso sikhathi-ke lapho okuthiwa waseyeyidla kakhulu inyama yembuzi manje, isisu sesikhule sesingaka.Kwathi ngenkathi kuzolwa impi yaseMaqondo nokuyimpi eyabe iphakathi kukaMntwana uMpande neSilo uDingane uManyosi wasihlubuka iSilo uDingane,waya ngakuMntwana uMpande.Saphatheka kabi iSilo uDingane ngokuhlubuka kukaManyosi ,sasekhipha amazwi ayethi’Sobohla Manyosi'(Sisho isisu).Sasisho ngoba uManyosi wayengeke esaqhubeka ngokudla imbuzi ngoba phela uMntwana uMpande wayengeyona iNgonyama,ngakho ke uManyosi wayeseyolamba kubohle isisu.Empini yaseMaqonqo kwanqoba uMntwana uMpande,wahlala nasesihlalweni soBuNgonyama.Amazwi eSilo uDingane kusho ukuthi ayengene ahlala impela kuManyosi ngoba kuhambe kwahamba wazala indodana ayetha igama wathi ingu-Sobohla.Asazi noma wayesaqhuba amahlaya yini ngoba sizokhumbula ukuthi wayenguSomahlaya,noma kwakuyigqubu asazi.Abantu bakwaMbatha empeleni bayingxenye yabantu bakwaZulu.Baphuma kuMpangazitha owabe eyindodana enxane yeNkosi uMageba ka Zulu ka Luzumana.INkosi uMageba kuthiwa yabe iyiWele neNkosi uPhunga,bobabili bezalwa uNdlunkulu uNozidiya wakwaNcwane.Kugcine sekuphembeke obunye uBukhosi esendeni likaMpangazitha ka Mageba ngoba uzele iNkosi uSontshikazi,yona ezele iNkosi uNdaba,yona ezele iNkosi uShandu ephile ngesikhathi seNkosi uJama ka Ndaba yabakwaZulu nokuchaza ukuthi babebabili oNdaba ngesikhathi esisodwa.Ezinye izibongo eziphuma kwesakwaZulu esakwaBiyela,Ntshangase,Mdlalose,Mpofana,kanye nezinye.Amanye amadoda ka Manyosi akhumbulekayo kwakungoNakanjani kanye noMelelesi.UNakanjani wayebuthelwe eButhweni uDloko,nokuyiButho elabuthwa yiSilo uMpande.UNakanjani waba ngomunye wezinsizwa ezabulawelwa icala lokuhlobonga nezintombi zeSigodlo sakwaNondwengu.Umyalelo wokubulawo walezo zinsizwa wakhishwa yiSilo uMpande ka Senzangakhona.Abanye ababulawa oNdabezimbi, Muntuwamanga,Fokothi kanye nabanye.

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo