Incazelo ngeBheka(Pimpinella caffra)

Pimpinella caffra

Incazelo ngeBheka(Pimpinella caffra)

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.UHlabahlungu bazoshumanyezana abasezitheni nabasemakhaya.ISilo uShaka leso.Enhla nasezansi ngiyazibingelela zonke iziNgabade,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu! Cha, sisaphila thina eMantungweni.Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiBheka igama layo,isetshenziswa kakhulu ngabesifazane, bayisebenzisa kwezeNtando,yenza indoda ihlale icabanga ngoMkayo noma ngoMlingani wayo,lowo osuke eyisebenzile.NgoLimi loSosayensi iBheka libizwa ngePimpinella caffra.Ka seSotho bare ke Mohapu,kapa Sehoetjana.

Lenzani-ke iBheka

 Nina beSilo iBheka lingumuthi omkhulu weDlozi.Izimpande zeBheka ziyangena eGobonbweni elimhlophe,zenza umuntu athandwe liDlozi limethwale ngeQoma abe yiNtandokazi yalo, lifana neNingizimu kanye noMusa.IBheka lenza iDlozi likhulume emaphusheni,lisondeza iDlozi . Liyangena iBheka emithini emhlophe edliwa lapho kugezwa aManzamnyama.IBheka liyasetshenziswa nangamaSoka,alithaka eNdukwini emhlophe yokuphalaza,iNduku exube uMusa,uFoshela,iNhlanhlemhlophe,uBhubhubhu kanye nezinye.IBheka liyaphalaza,liyagquma , liyageza liyakhafula.IBheka libuye libe wumuthi osetshenziswa kakhulu ngabantu besifazane.Abesifazane bavamise ukuba bageze ngalo lilodwa vo, bagezele ngaphandle kwesango,basuke begezela ukunqanda izithunzi ezimbi,kanye nemimoya emibi ebangela ukuba  bengabonakali kwabesilisa.Kugeza impande.Kanti yona impande yeBheka abesifazane bayayithaka eNdukwini yokulungisa indoda ukuba ibheke bona bodwa.Impande yeBheka yinhle nasekuphalazeleni ukuxosha imimoya emibi kanye namaphupho amabi.IBheka lihle kabi ekulungiseni igazi,lenza umuntu abe yiSilomo athandeke.Ingakho amaSoka elithwele ngeQoma.Lihle naseGobongweni elimhlophe.

Khumu!

Niphile nina abeLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”uthole olunye ulwazi.

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo