
UMayisaka omhlophe.
Incazelo ngoMayisaka omhlophe
Nina abakaZiyanhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawula.INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu.USihlangu simagqabha sinamanxeba.Ngethemba basaphila abeSilo.Sisaphila thina kwaSokhumalo.Le nduku eniyibona esithombeni kuthiwa uMayisaka omhlophe.Bahlukene ngemibala oMayisaka,kukhona obomvu,kukhona omhlophe bese kuba khona omnyama obuye waziwe ngoZangume.
Wenzani uMayisaka
UMayisaka omhlopheuwumuthi omuhle wedlozi,uwuBulawu obuhle bokuhlambulula idlozi.Uyangena emaGobongweni.UMayisaka omhlophe muhle kwezenhlanhla,uye uguye nezinduku ezifana noNhlanhlemhlophe,uMusa,uVumakubangoma omhlophe kanye nezinye izinduku zenhlanhla.UMayisaka omhlophe muhle kwezokudonsa umnotho,uyangena ezibungeni zeBhizinisi.Muhle nakwezokufesa umsebenzi.Muhle uMayisaka omhlophe kwezokugeza aManyamanyama.UMayisaka omhlophe muhle kwezamaSoka,wakha oluhle ugazi.KuMayisaka omhlophe kuye kusetshenziswe impande,iyangena kwezokuphalaza,kwezokugquma kanye nakwezokugeza.
Khumu!
Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”