Incazelo ngoGodide(Jatropha hirsuta)

 

Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! USimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Nina beSilo lo muthi eniwubonayo kuthiwa uGodide igama lawo lesiZulu. NgoLimi lwesiSayensi ubizwa ngeJatropha hirsuta . Zimbili izinhlobo zikaGodide , kukhona le nhlobo, bese kuba nenye inhlobo enamacembe amise okokudla kweKlwa. Zombili lezinhlobo zinamacembe anoboya, kanti futhi zisebenza umsebenzi ofanayo . Impande noma isigaxa sikaGodide sibomvu okuyela embaleni weNtolwane. Inhlobo yesibili ibizwa ngeJatropha zeyheri ngoLimi loSosayensi. Godide ka se Sotho bare ke  Sefapadadia. NgesiTsonga kuthiwa iXidomeja. Lena eVenda bawubiza ngeMafuredonga. Nina beSilo le Nduku kwaqanjwa ngayo iqhawe lakwaNtuli uGodide ka Ndlela owasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu ehlasela iSigodlo sasoNdini mhlaka 21 Ntulikazi 1883. UGodide wabe engesinye sezikhulu zeSilo uCetshwayo. NakwaQwabe wayekhona uGodide, wabe engumnawakhe wenkosi uPhakathwayo ka Khondlo.


Wenzani uGodide?

Nina beSilo le Nduku ingena kakhulu kwezabesiMame, iyangena kwiSahlambezo, yinhle kabi ekuqiniseni nasekukhuliseni uMbhungu ngaphakathi esiswini . Ikhula kahle kakhulu ingane uma uNina edla le Nduku. Izimpande zayo ziye zonyiswe , bese ziyagaywa zibe yimpuphu ebomvu efakwa ePhalishini eliyodliwa uMame okhulelwe , noma osanda kubeletha , noma onenkinga yoMhluma, noma osiFindweni. Yinhle impela le Nduku kwezabesiMame ayisali futhi nasembizeni yoMhlula , iqhathwa noNsukumbili,uMavumbuka,  izimpande zoGobho, uMathunga , uDaka lweNkalankala kanye nezinye . Le Nduku yinhle kakhulu ekwehliseni inhlungu yeFindo(isikhathi sowesiMame). Lo phawuda obomvu wezimpande zale Nduku muhle kakhulu emanxebeni nasezilondeni, kubantu kanye nasezilwaneni. Izimpande zale Nduku ziyangena imbizeni echathela iqolo, ziyageqa. ISiphungo sezimpande zale Nduku sihle kakhulu ekushiseni izilonda esiswini.  Nina beSilo le Nduku ibe yintelezi iyangena kwezokuphindisa , iqhathwa noMpinda , oLabatheka kanye nezinye . Iyangena entelezi yokuchela ikhaya . Iyangena futhi naseNdukwini evala umkhokha . Iyangena futhi nakwezokubethela. Iyangena futhi nasemithini edliwa umuntu owethuka izanya, umuntu ohlezi eshaywa uvalo. Iyangena futhi nakwezokukhipha amabhadi. Iyangena futhi nakwezenhlanhla.

Khumu!

Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa.

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo