Incazelo ngoVungulomoya

UVungulomoya…

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo .Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo leNduku eniyibonayo kuthiwa uVungulomoya . Ngiye ngizwe abanye bethi kukhona omunye uVungulomoya oyiSigaxa , cha , mina angiwazi oyiSigaxa .

Wenzani uVungulomoya?

Nina beSilo lena yiNduku enhle kakhulu ekudonseni , iyangena eZibungeni zeBhizinisi . Iyangena futhi nakwezeNhlanhla .Ayikhonzile amaSoka , ayaphalaza ngayo , ayakhafula nangayo . Ayiqhatha kakhulu nemithi efana noNgibonisele , uVendle, uNzukela , kanye neminye. Le Nduku ibuye ibe yinhle kakhulu kuMabutho athunywa ukuyolanda. Iyaphephetha iphinde ikhafule umuntu uma ekukweleta ,isuke isithakwe nezinye iziNduku. Nina beSilo kule Nduku kusetshenziswa kakhulu ixolo, liyaphalaza , iyagquma , liyakhafula , liyageza .Umuthi omuhle kakhulu kwezokudonsa lona . Uyangena futhi naseMagobongweni , muhle ekucijeni iSangoma esingasashayi emhlolweni . Uye uqhawe noMoyawezwe , uMkhondweni kanye neminye imithi . Uyangena futhi naseMibhemisweni yokubhula .


Khumu!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu.

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo