
USiyabonga Mdlalose , uMethuli wezinhlelo zikaMabonakude
Umlando ngeNdengezi ka Khuzwayo Mdlalose
Nina abakaDlunwane woMbebebe odlunge emanxulumeni kwaze kwasa amanxuluma esibekelana.Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila.ISilo uShaka leso.ISilo sakithi KwaDukuza.Enhla nasezansi ngethemba isaphila yonke iNgabade.Sisaphila thina eMantungweni.
UNdengezi Mdlalose
Nina beSilo kuthiwa ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka kwakukhona iqhawe lakwaMdlalose elahlabana kakhulu ezimpini zeSilo uShaka, iLembe.Kuthiwa leli qhawe lagcina selaziwa ngelikaNdengezi,empeleni igama elithi “Ndengezi kwabe kungelona igama lalo”.Kuthiwa lelo gama laqambeka ngesizathu sokuthi leli qhawe labulala abantu abaningi ezimpini zeLembe . Ngakho-ke lalincinda kakhulu ezindengezini , izindengezi elalizincindiswa izinyanga zeMpi yeLembe ngoba libulale abantu.Kuthiwa abantu babelihasha ngokuthi “Ndengezi -Ndengezi mashumi”!Kwagcina sekuyigama lalo.Leli Qhawe kuthiwa labe liyintanga yeLembe , lisebuthweni loMbelebele , ibutho elalibuye laziwe ngamaWombe.Kuthiwa iMpi elahlabana kuyo kakhulu yiMpi yaseziNdololwaneni,okuseyiMpi eyodwa nempi eyaziwa ngokuthi yiMpi kaSikhunyana . USikhunyana lona wayeyiNkosana yenkosi uZwide ka Langa yabakwaNdwandwe.Kuthiwa kwathi ngemuva kokwehlulwa kwenkosi uZwide ihlulwa yiMpi yeLembe ngo1821,uSikhunyana walifulathela elakwaNongoma wayonkanisa ngasoPhongolo, okuyilapho kwagcina kulwele khona iMpi yaseZindololwaneni ngo 1826.Kuthiwa uNdengezi wahlabana kakhulu kuleyo Mpi waze waklonyeliswa ngomhlambi wezinkomo eklonyeliswa yiSilo uShaka.Kuthiwa lezo zinkomo uNdengezi wazabela izinsizwa zexhiba lakhe ezazimsiza ngenkathi ehlabana.Kuthiwa iLembe lagcina likuzwile lokho,futhi kuthiwa akwehlanga kahle kulo ukuba uNdengezi athathe izinkomo elalimnikeze zona azedlulisee kwabanye . Kuthiwa iLembe alithandanga ukukhipha isinqumo sokuthi uNdengezi aphanjaniswe neMvula ngoba lalimhlonipha kwazise wayeliQhawe elikhulu. Kuthiwa iLembe lathi kuye “makadliwe izintaba”,okwakusho ukuthi makahambe anganphinde abonwe kwelakwaZulu.Kuthiwa ngempela uNdengezi wathatha amakhosikazi akhe kanye nabalandeli waphikelela endaweni ngaseMdlazi,ePort Shepstone,wafika wakha khona.Kuthiwa eMdlazi wafika wahlasela imizi yabantu , wadla izinkomo zabo.Kuthiwa izinkomo zakhe zagcina sezibulala inyoka,nabantu bakhe kuthiwa banda ngendlela exakile bagcina sebeyiSizwe esikhulu.Emadodaneni ka Ndengezi sibona kugqama uMpepha ka Ndengezi owagqama ngesikhathi sokubusa kweSilo sasoNdini , iSilo uCetshwayo ka Mpande.
Khumu!
Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe xaxa.
Siyabonga ngomlando kaNdengezi.Ingabe loNdengezi uyahlangana yini nalendawo esePinetown okuthiwa ikwa Ndengezi?
Bengicela Mashobane ukuzwa ukuthi ngomlando uChumase Zulu ungubani.Nginokuzwa abanye bethakazelana ngoChumase.
Mntwana ngokolwazana lwami uMntwana uChumase wayenguMafungwase woMntwana uSojiyisa ka Jama
Ngibingelele kuwe Mashobane uNdengezi ezimashumi. Ungukhokho kamkhulu wami. Uma ngizwa ngomlando wakhe uyafana kodwa thina oKhuzwayo baka Ndengezi sizinze eNdwedwe, eNhlangakazi, UNdengezi wafika nezibongo okungu Mthethwa, Mbonambi, uMbambo nezinye… Ekufikeni kwakhe kule Ndawo kuthiwa wayenamakhosikazi amabili andawonye okungo MaMhlongo. Wayephuma kwanongoma naye waye gxoswe i Lembe. Nathi siyisizwe sika Ndengezi.
Qhawe lakithi siyabonga kakhulu Sekethwayo