Incazelo ngezitho zenkomo uma kuhlatshiwe ekhaya(ezangaphakathi)

Incazelo ngezitho zenkomo uma kuhlatshiwe (ezangaphakathi)

-Isitho

*Incazelo

-Isisu

*Isitho esigcina amathumbu nokunye nje okwangaphakathi. Sicotshelwa ebubendeni obudliwa ikakhulukazi ngabesilisa.

-Amathumbu

* Ehlukaniswa kuthiwe kukhona amakhulu namancane, amhlophe namnyama. Kwamancane amhlophe kukhishwa ilulu. Amathumbu adliwa ngoMame

-Ilulu

*Ithumbu elisikwa kwamancane, amhlophe ngasekugcineni. Ilulu lide cishe lingamaSentimitha angamashumi amabili. Lidliwa indoda endala ,uYise woMnumzane ohlabile.

-Iphaphu

*lisesifubeni , likhishwa kanye nenhliziyo . Iphaphu lidliwa ngabafana

-Isibindi

*Isibindi siseduze kwephaphu. Sikhulu , sehluka ngobukhulu benkomo. Ngaphambi kokuba sidliwe kuye kusikelwe uSokhaya umbengo wokosa, bese esisele sidliwe ngumkhaya, ikakhulukazi amakhosikazi. Endulo isibindi senkabi noma esenkunzi sasidliwa yi-Ngonyama esuke ibusa ngaleso sikhathi, isidle size siphele nya.

-Inhliziyo

* Isikwa ihlukaniswe ephashini . Ihamba nephaphu uma isidliwa ngabafana.

-Inyongo

* Isitho esixhumene nesibindi. Inyongo kayidliwa . Iyafuthwa bese kuconsiselwa ezinyaweni nangaphandle kwezandla nasekhanda lalowo ohlatshiswayo. Abanye bayaye bayichome ekhanda , ikakhulukazi amathwasa noma abangoma.

-Uvalo

*Ithanjana elincane elingezansi kwesifuba elihamba kanye nesifuba

-Uluntu(untu)

* Isitho senkomo esiluthwethwesi okuyisona semboze amathumbu esiswini, kodwa kuthi lapho inkomo isihlinzwa sihambe nomhlubulo. Untu ludliwa ngoMame kanye nomhlubulo. Luhle futhi ekosiweni.

-Izinso

*Kuthiwa ngesilungu amaKidneys , zakhiwe okukaBhontshisi kodwa zona zinkulu kunawo. Ziphahle umgogodla, ngezansi koluntu. Izinso zidliwa nguMnumzane, noma ngumuntu owaziswa nguMnumzane.

-Itwani

* Itwani lixhumene namathumbu kodwa akulona ithumbu. Inyama ebumbene , ehlangene, okuthi uma iqhekezwa itholakale inamagunjana aqukethe ubulongwe. Itwani lidliwa ngamakhosikazi

-Iziphapha

* Inyama esezinhlangothini evimbela ububende. Icotshelwa ebubendeni lapho inkomo ihlatshiwe . Ububende budliwa ngabantu besilisa.

-Isinye

* Isikhwama samanzi aphuma ezinsweni achithelwa ngaphandle.

-Usinyaka

*Usinyaka ususwa oswini. Yithumbu elikhulu elingasesekugcineni elilandelwa ngupopopo. Udliwa ngamakhosikazi

-Usu

* Usu lususwa ngaphakathi kade luxhumene nephaphu nosinyaka. Amathumbu aphakathi kosu nosinyaka . Usu yithumbu elikhulu elisongene laba yinkatha. Lusathawula . Lunobulongwe ngaphakathi obukhishwayo.

Ludliwa ngamakhosikazi

-Upopopo

*Uxhumene nosinyaka ngaphakathi, kuthi ngasekugcineni kwawo uxhane nomtshazo

Udliwa ngoMame

-Umtshazo

*Uxhumene nopopopo. Wona-ke uze uphumele ngaphandle. Inyama emhlophe engangengalo yonke

Udliwa ngoMame. Ucotshelwa nasebubendeni.

*Uxhumene nopopopo

-Umvimba(noma Imvimba , noma uvimba)

* Umtshazo uma ufakwe amaqatha amanoni wavalwa waboshwa nxa zombili wase ufana nevosi. Ube usuphekwa -ke lo mvimba noma uthothombaliswe emlilweni. Udliwa ngabafana

-Inazo(inanzi)

* Ixhumene netwani. Ingumbhobho omude ocishe ngamaSentimitha angama-30. Phakathi kukhona nobulongwe obumanzi okuthi nxa umuntu ebukhipha muphume buthi tshu. Inazo idliwa ngoMame kanye netwani

-Ingwaqo

* Ingenhla kwephaphu. Umuntu unqamula iphaphu bese enqamula umminzo , kuthi ngenhla-ke kube yingwaqo. Ingangezandla ezimbili, uisicubu esisodwa. Imhlophe . Abanye kabayehlukanisi noqhoqhoqho. Iba yintshontsho labamnumzane

-Ubende

* Linamathela oswini. Luyisibeba nje esibanzi cishe ngangesandla uma inkomo incane. Uma inkulu luba ngaphezulu. Kuthiwa futhi ngamanyikwe.

Ludliwa ngabafana. (Kwesulwa ngalo ediphini uma inkomo ifile noma ihlatshiwe)

-Ubhedu

* Lokhu kushiwo iphaphu nenhliziyo. Le nyama idliwa ngabafana entabeni, ilwelwe . Le nyama ibizwa futhi ngokuthi ungungu

-Imvali

* Ixhumene nosu. Iyisakana , isikwa isuswe eswini. Phakathi kukhona umswani othambile. Kuhlala amatshe phakathi, uhlalu. Kuthiwa imvali ngoba idliwa ngumfana ovala esangweni, owelusa izinkomo.

-Umhlehlo

* Lithwethwesi lamafutha elinamathele oswini. Uqotshelwa ebubendeni kanti futhi udliwa ngamakhosikazi

-Umthala

* Inyama eyisicubu, eba samvinqo oswini, engafani nosu ukwakheka kwayo nasemlonyeni. Ikhethelwa abadala ekhaya, bavamise ukuyidla isipholile.

-Impundu

* Isikwa esibindini ngoba usuke ikade ixhumene naso. Idliwa izalukazi ,kuthiwa uma idliwa ngabasebasha baba izikhohlwa.

-Umminzo

* Umminzo nguqhoqhoqho. Kuthi lapho kususwa iphaphu kusale umminzo, kuthi ngenhla kube yi-ngwaqo. Njengengwaqo , nawo umminzo untshontshelwa abanumzane abakade behlinza

#Khumu!

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo