Umlando ngoMaqhoboza ka Mbeleko Nzuza

Esithombeni nguSithandwa Nzuza , uMsakazi

Umlando ngoMaqhoboza ka Mbeleko Nzuza

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni. USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. Enhla nasezansi ngethemba isaphila iNgabade . Nina beSilo ake sibheke umlando weQhawe lakwaNzuza uMaqhoboza ka Mbeleko.

Le nsizwa yakwaNzuza yayizalwa uMbeleko ka Ndlovu Nzuza .Uyakhumbuleka uMbeleko emlandweni ka Zulu ngoba nguyena noMqalane ka Nondumo wakhona kwaNzuza ababeyizinyanga zeLembe ezazihamba phambili ngenkathi kuzalwa iMpi kaNdwandwe noZulu ngowe 1821. NguZulu owadla umhlanganiso kule Mpi , uZulu wawubuswa iSilo uShaka , kanti kwaNdwandwe kwakubusa inkosi uZwide. Kuthiwa kwathi ngenkathi zingakadumelani iSilo uShaka sathumela oMqalane noMbeleko ukuba bayobethela izikhonkwane zabo emzini wenkosi uZwide ukuze nxa isibambene phezulu inkosi uZwide iphelelwe ngamandla , iSilo uShaka siyehlule kalula. Kuthiwa bafika kwaNdwandwe bathi baxoshwe yiSilo uShaka ,Kuthiwa inkosi inkosi uZwide yabakholwa, yabemukela kahle ngezandla ezimhlophe kanti bazovuka ebusuku bafake ezikhonkwane zabo wonke umuzi wenkosi uZwide maqede bashaye bakhukhule baphindele kwaBulawayo.

UMbeleko -ke nguyena owazala uMaqhoboza owazala  uNosishada .UNozishada waba yiqhawe leSilo uDingane elasala eMaqonqo. UMaqhoboza wabe engenye yeziNduna zebutho loDlangezwa, okuyibutho elabuthwa yiSilo uShaka. UMaqhoboza wabe eyiqhawe elikhulu leSilo uShaka , walwa iziMpi eziningi zeSilo uShaka waze wazitholela izihasho ezithi –

“UNongqambu wawoMpondo! USilevu ngamashob’ezinkomo, uGijimis’ifan’eliphezulu! Ube yiMpungushe eyahlul’amazong’ezinja”

Kuthiwa uMaqhoboza wasala enkundleni empini eyayiphakwe ukuyolwa nempi yenkosi uBhungane ka Nsele Hadebe. Kuthiwa kwathi lapho isitholene phezulu uMaqhoboza wakhela wadilika ezinsizweni zamaHlubi wazilalisa uyaca waze wagwaza nenye yezinyanga zakhona emaHlutshini. Kuthiwa kwathi lapho ethi uyawukhipha umkhonto , inyanga yathi “mina angigwazwa”. Kuthiwa uMaqhoboza akabange esawukhipha umkhonto ngoba kuthiwa umzimba wakhe wavele wagcwala izimpethu , wafa khona lapho. Kwavele kwaba sobala ukuthi leyo nyanga ayigwaza yayiqiniswe ngezintelezi ezinzima . UMaqhoboza wazala amadoda amaningi nawo aba ngamaqhawe kaZulu .Kulawo madodana singabala uNozishada (uDlambedlu) , uMashekana (uMdlenevu) kanye nabanye .

Khumu.

Niphile nina beSilo . Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo