Incazelo ngeNduku Amazombe   (Roella glomerate )

AMazombe

Nina abeZulu eladuma obala lapho kungeMunga kungeMtholo , iSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! #ISilo sakithi oNdini leso! ISilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngethemba isaphila iNgabade.  Nina beSilo esesithombeni  yiNduku ebonakala kakhulu uma kuseHlobo, lina izulu. Ibizwa ngokuthi ngaMazombe. NgesiXhosa kuthiwa yiBhosisi. NgoLimi loSosayensi ibizwa nge  Roella glomerate………

Yenzani le Nduku ?

Nina beSilo kule Nduku kuye kusetshenziswe amakhasi . Mahle kakhulu koMame abakhulule. Aye abiliswe enziwe iSiphungo esiphuzwa umuntu wesifazane okhulelwe. Lesi Siphungo sihlela kahle yonke imithambo , sinqande nobuhlungu beSinye , obeqolo kanye nobezinso. Lesi Siphungo sinikeza ingane (uMbhungu) amandla , siyelekelele nasekukhuleni eSiswini. Lesi Siphungo senza ukubeletha kube lula kakhulu


Khumu!

Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo