Umlando ngoSomtswewu ka Sonzica (uTheophilus Shepstone)

IDolobha iPort Shepstone

Nina abeBululu lika Phunga noMageba  eladonda ukusuka kwaze kwasuka awezindllwana! OShele  ka Dolofu kuMaQadasi ,oMzitshana kuMaQadasi ,oSomtsewu ka Sonzica kuMaNkinsimane amabululwana ezindlwana! UMagwaz’eguqile njengethole!#ISilo uCesthwayo leso ! ISilo sakithi oNdini…. *Lo Somtswewu ka Sonzica  ovela ezihashweni zeSilo uTheophilus Shepstone okwaqanjwa ngaye iDolobha iPort Shepstone.

*Abantu abaNsundu abawuthandisisi umlando wale ndoda yomNgisi ngoba kuthiwa yiyona eyashaya umthetho othi “iLobolo malibe yizinkomo eziyiShumi nanye(11). Kuthiwa eNdulo kwakungeyona impoqo ukuba umuntu akhiphe izinkomo uma elobola futhi sasingekho isibalo, kuthiwa kwakuxoxiswana. Indaba ka 11 kuthiwa yafika noMfoka Sonzica. Lezi zihasho zeSilo uCetshwayo zakheka ngenkathi kuzoqubuka impi yaseNdondakusuka kanye neyaseSandlwana . AmaQadase amaBhunu, amaNkinsimane(Englishmen) amaNgisi. Abantu abaNsundu bagcina beqambe uTheophilus ngokuthi uSomtswewu ka Sonzica ngenxa yokwehluleka kwabo ukubiza igama lakhe . *USomtsewu wazalwa mhla zingama 23 kuNhlangulana 1817, ezalelwa  eNgilandi endaweni yaseWestbury-on-Tryon okuyiDolobhana elincane eliseduze neDolobha elikhulu iBristol. Uyise kwakunguMfundisi uWilliam Theophilus okwathi ngenkathi indodana yakhe uSomtsewu ineminyaka emithathu nje kuphela yena kanye noMndeni wakhe bafudukela kuleli laseNingizimu Afrika ukuyoshumayela iVangeli..Wakhula -ke uSomtsewu ekhulela kuleli laseNingizimu Afrika , eKapa . Kwathi lapho esekhulile wayimisa kabi kakhulu iNdlu eNsundu ikakhulukazi uZulu noXhosa….Kuthiwa uSomtsewu yena akakuthandanga ukushumayela iVangeli njengoYise uWilliam, kuthiwa yena wathanda kakhulu ukuzingela , wayenguMzingeli omkhulu.. Ngowe 1835 ngesikhathi seziMpi zamaCape Frontier Wars uSomtswewu waqokwa ukuba abe nguMhumushi waseNdlunkulu kubasebenzi boMbusi , uSir Benjamin d’Urban .Kuthiwa uSomtswewu wayesicosha kancane isiXhosa kwazise wayekhulele khona kwelikaZanzolo. AmaCape Frontier Wars wuChungechunge lweziMpi olwaluqale ngasekupheleni kwama 1700s luqala khona kwaXhosa. Lezo ziMpi zaqhubeka kwaze kwaphela ama 1800s. …..*Kwahamba kwahamba uSomtswewu wakhushulelwa ekubeni yiHlo lamaNgisi phakathi kwamaFengu nezinye iziZwe  eKaffraria. *USomtswewu wathola izikhundla eziningi kuhlanganisa nesikhulu esokuba nguKapteni jikelele wezintela zoMdabu. Kwahamba kwahamba wagcina esezinze eNatal Colony (Colony of Natal) okuyilapho awuhlukumeza kakhulu uZulu , ngaleso sikhathi uZulu wawubuswa yiSilo sasoNdini iSilo uCetshwayo ka Mpande . Kulwa iMpi yaseSandlwana nje (ngo1879) uSomtswewu wayesezinze khona kweleNgabade . Ngowe 1874 kanye nangowe 1876 uSomtswewu waya eLandani ukuyobhunga ngezindaba zaseNingizimu Afrika .Kuthiwa uSomtswewu wasebinzisana kahle kakhulu noLozi (Cecel John Rhodes ) , uSir Bartle Frere, uSir Melmoth Orsbone kanye nabanye ababeyiziKhulu zoMbuso wamaNgisi. USomstwewu wadlondlobala impela kangangokuthi kwagcina kuqanjwe ngaye iDolobha lasePort Sherpstone

Khumu!!


Thola ulwazi ngamakhambi eSintu kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV”…….

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo