
UZANGUME
Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!! UDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele luyadla lubeka iSihlangu amadolweni!! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu . Ngethe basaphilala .
UZangume
Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uZangume igama layo , okuhumusheka ngokuthi “You did not stop” ngesiLungu..Le Nduku imandla kakhulu kwezokuvula uma ngabe kukhona okuthile okusuke kuvimba umuntu ukuba abone impumelelo. Umuntu odla le Nduku wedlula ngisho bemuvalele nina beSilo. Le Nduku yiNkunzi kwezwekovula la umuntu asuke evimbeka khona, iyaqaqa, iqaqa wonke amafindo amaketango umuntu asuke eboshwe ngawo. YiNtelezi kahle -hle le Nduku. Iyagquma le Nduku, iyaphalaza , iyageza, iyachela , iyakhothwa , ngingasho impela ngithi ikwenza konke.Le Nduku iye ithakwe nezinye , nokho ingenye yeziNduku ezikwaziyo ukugiya zizodwa vo njengoShaladilezinyoka. Kwezokuvula le Nduku iba mandla kakhulu uma usuyiqhathe neziNduku ezifana nalo Shaladi, uMusa ,iNgwavuma , uBhubhubhu kanye nezinye iziNduku. Le Nduku iyangena nakwezokuvika amaPhoyisa, kanye nasemacaleni. Kuleyo ndawo iye igiye noMayime , oNtumba , oCalakalithethwa kanye nezinye…Impande yayo iyaphathwa eMotweni , iphinde ifakwe nangaphansi konyawo esichathulweni uma kuyiwa eCaleni njengoba kwenziwa nakweyeNtuma. Impande yale Nduku iphinde ishiswe uma kuduma izulu ukuze ivimbe umphezulu ungashayi ekhaya. Kuningi okwenziwa yileNduku . Iyabethela futhi. Iyangena kuMabutho athunywa ukuyolwa .Iyangena futhi le Nduku kwezokucapha ithuna. Iyangena kwezokuphindisa . Iyangena kwezokuchela ikhaya ixoshe imimoya emibi. Kuningi impela. Kuye kusebenze impande kule Nduku.
Khumu!
Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi kuYou Tube wethu osihloko esithi “Kholo Khumalo TV”