Izinhlobo zezinduku
-(Igama lenduku)
*(Incazelo)
-UZime /UDondolo
*Induku ende edondolozela abantu asebekhulile , izintombi ezindala nezinsizwa ezindala. Elinye igama lale nduku kuthiw uDlwedlwe .
-UMshiza/UMzaca
*Induku yokushaya eyenziwa ngemithi eqinile , noMqalothi , iKlolo,iNqayi, uMhlwampunzi kanye neminye. Kusetshenziswa yona nalapho kungcwekwa.
-IQhabanga
* Ivamisa olwenziwa ngoMsimbithi noma ngoMnweba. Ikhanda layo lincane , isetshenziswa ukuhamba.
-ISikhwili
*UMshiza/UMzaca omfishane.
-ISagila/ISagisha
*Kwezinye izigodi iSagila sibizwa ngokuthi iSagile. Induku enekhanda elikhulu nje ngokulingene. Sisetshenziswa kakhulu ukuklubha izinyoni kanye nonogwaja
-IWisa /IMpiselo
* IMpiselo noma iWisa iSagila esinekhanda elikhulu . IMpiselo -ke yona ayiyinde njenge Sagila . Yenziwa ngemithi efana neNhlokoshiyane, uMnqumo kanye neminye . Kanti naso iSagila senziwa ngayo leyo mithi eyenza amaWisa. Abanye iWisa balihlobisa ngezipikili . IWisa /iMpiselo yayisebenza kakhulu ezimpini uma kuliwa. IWisa lagqama kakhulu empini yaseMhlathuze lapho amabutho eLembe ayephihliza amakhansa ngalo amabutho eNkosi uZwide phakathi emfuleni uMhlathuze okuthiwa wawungenisa ngalolo suku.
-UBhoko
* Lwenziwa lube lude lwedlule ubude bomuntu bese lucijwa phambili. Kuthiwa endulo lwalungacijwa phambili futhi abantu abadala babengalwi ngokugwaza ngobhoko. UBhoko lwenziwa ngemithi eyenza iMishiza.
-ISiviliba
* UMshiza noma uMzaca omfishane onesiqu esikhulu.
– ISishingo
* ISishingo siphathwa uma kusinwa , sikhonjiswa nasemibukisweni. Sinekhanjana nje elincane elihlotshisiwe.
-INsulungu
* ISagila esikhanda elikhulu ngokungavamisile
-UNhlongweni
* UDondolo okubuye kuliwe ngalo . Ludondolozela izinsizwa ezindala kanye nezintombi ezindala.
-IMvubu
* Yenziwa ngesikhumba seMvubu, uyashaya
-ISingotho
* Induku enkulu emfishane esetshenziswa ukushaya. Induku evala emnyango nayo ibizwa ngalo leli gama. Kubuye kuthiwe iSiqobolo.
-ISimonqo
* ISagila iSagila esinekhanda elikhulu, saba nenduku emfishane.
-UKhande
*Induku okucitshwa ngayo insema. UKhande lude lucijwe nganxanye
-IMbudle
* KusewuBhoko, kuliwa ngalo
-IGala
* IGala lenziwa ngoMhlwampunzi/uMkhwampunzi ,uMlalanyathi nangoMklele. Limagedla ngoba lenzizwa liklaywe imisele. Lokhu kwenza ukuba kuthi lapho umuntu eshaywe ngalo ekhanda abe nezingozi eziningi Kanti ushaywe Kanye