Incazelo ngoMgcagco

   **UMGCAGCO NOMA UDWENDWE**

Uyini uMgcagco ?
Umgcagco umcimbi owenziwa uma intombazane iyogana. Lomcimbi ungaba phakathi kwezinsuku ezimbili kuya kwezintathu, kuya ngenqubo yezigodi nemindeni ngokwehlukana kwayo.
Umlobokazi esezilungiselele ukuyogana kozibanibani, usuku lukhethwa ngokuthi kuvumelane abakhongi kanye nomndeni wentombazana.Umlobokazi uyazotha esekhona la kwabo ikakhulu kazi uma sekusondele izinsuku zodwendwe lakhe. Uyahlonipha ambathe emahlombe ngetshalo elincane ukukhombisa ukuthi seluse mome usuku olukhulu.Kuthiwa futhi usuke ehlonipha izinkomo lezi ezafika lapha kubo ukuzomlobola. Umlobokazi lo akahamb’ema elanda izindaba ezinkalweni uma sekuyizinsuku zokugcina ukuthi agcagce, futhike akahambi yedwa uma kukhona lapho kumele aye khona ngaphambi komgcagco.Phela kunenkolelo yokuthi umlobokazi angathwalwa zimbangi zakhe angabe esagcagca. Kulezizinsuku kumele asondezele ngasekhaya zonke izidingo zakhe ngoba phela akabe’saphuma ekhaya uma sekufike ibhokisi lakhe.izintombi zona zisuke seziqalile vele ukuzilungiselela udwendwe ngokuthi zifike laphekhaya mathambama zigide, zishaye izinkondlo kanye nomphendu.
UKUHLATSHWA KWENKOMO YOMQHOYISO\YOMQHOLISO
Inkomo yomqholiso ayihlangene noma ngithi ayingeni elobolweni . Inkomo yomqhoyiso yile ehlatshwa mhla umakoti egcagca .
UKUHLATSHWA KWAYO:
Kuqalwa nje uma omame befudumezela utshwala bodwendwe noma kusuke sekungokwesibili, phela obokuqala busuke bugayelwe lembuzi azohlaliswa ngayo phansi futhi kubikwe ngayo udwendwe emsamo. Inyongo yalembuzi iyafuthwa ichonywe kuye’khanda. Lenyama yembuzi kumele idliwe iphele ingakahlatshwa inkomo yommncamo. Yonake ihlatshwa ngayizolo kuzosa kube wudwendwe. Umlobokazi lo usuke esahlala endlini eyame ebhokisini lakhe. Umlobokazi akagqoki uma esehlaliswe phansi ufakwa ubuhlalu obumhlophe enhla kwamabele kanye nasemphethweni wenhloko yakhe.Uhlala nje ambathe ingubo kuphela nayo isiyophiwa isalukazi sakhona. Lenkomo inemigomo eminingi ngoba kunomlenze okumele uthwalwe zintombi ziwuse emzini khona ngalobo busuku. Kulenkomo futhi umlobokazi uyaye akhethe udadewabo (osuke esagana vele) okunguyena ozohlinza umhlubulo. Lokhu kusho ukuthi uzophiwa umhlubulo walenkomo ahambe nawo emzini wakhe uma esebuyela emuva.
UBUSUKU OBENDULELA UDWENDWE UMNGOMO\UMVALELO
Ngalobo busuku kuningi kakhulu okwenziwayo ngale nje kokuthi kusuke kugcwele wonke umuntu ozophuma nomthimba ngakusasa ikakhulukazi uma kuyiwa kude. Ngalobubusuku izihlobo zisina zidedelana ngokuyala umlobokazi , abanye njalo bemlethele izipho. Umlobokazi kanye nazozonke izintombi bafundisana izingoma kanye nezindlela olushaywa ngalo unyawo. Phele umthimba lo yiwona okumele udle uhlanganiso le phambili ungabe usuchayiswa yikhetho. Yonke impahla yomabo iqoqelwa kulendlu okusuke kugoyele kuyo umlobokazi, azehlukaniswa naye zibekwe kwezinye izindlu. Kulezi’mphahla singabala amacansi encema nawekhwani izicephu zencema izingubo zokulala izinkamba nezishovuzo kanye nezikhetho phakathi kokunye. Phela umlobokazi kuye kuthiwe uyokwabela ngisho nekati lakhona.
Nakhu okubalulekile mayelana nebhokisi lomlobokazi: phakathi kungena imvunulo yakhe yonke ngisho isiqhano imbala. Kubuye kufakwe nokunye nje okuqondene naye futhi nengubo azokwembesa ngayo umyeni wakhe nayo ifakwa phakathi funa ithole okubi uma ifakwe la emthwaleni. Lelibhokisi liyakhiywa bese kuthi ukhiye uphathwe yilowo osuke ekhethwe umakoti.Umlobokazi uma ehleli phansi weyama kulo lelibhokisi kuwuphawu lokuthi useyofa nalo.
Umlobokazi ukhetha ihubo akuthiwa inkondlo, ayolihuba uma eseyovuma umyeni wakhe sekubuzwa umthetho, uyaliphinda futhi uma eseyokwabela oyise basemzini.“Umlando wenkomo zabo okwami oh mina ngiyazisa sebekhalisililo”We!!! uma esesho leyongoma yakhe kusuka umunyu sekucaca ukuthi useya khona “kwamfazi ongemama”ngokusho kwesintu. Ziningi ezinye izingoma okuthiwa izinkondlo umlobokazi angakhetha kuzo noma aziqambele eyakhe esuka enhliziyweni uma eyigagu. Lenkondlo uyiqala yena kuzwakale izwi lakhe lizihola phambili.
Ngobusuku obendulela udwendwe akulalwa kuyagidwa kusinwe kuvunywe ingoma kuze kuse.Izalukazi zisuke zimgadile umlobokazi ukuthi angalokothi alale ngoba kunenkolelo yokuthi izinto zakhe ngeke zihambe kahle uma elala ngomngomo wakhe.
NGELANGA LODWENDWE :
Ebusuku kuyaye kufike abakhongi bethi bazolanda umthimba, phela ibhokisi leli liqukulwa yibo kuphela. Ngalesosikhathi kusuke sekusho ukuthi kumele kuhanjwe ngoba phela akungenywa sekuphume ilanga emzini womuntu.Onina bentombazana bayaye bayiyalele ukuthi ayilunge ngoba sekuyaphunywa. Intombazana ifakwa isidwaba nenhloko uma ingathungelwe ekhanda. Uyise uhuba ihubo lomndeni ashise imphepho abike ukuthi ingane isiyaphuma ekhaya isiya kogana. Emva kwalokho uyise umthatha ngengalo kuyodlulwa esibayeni ibhokisi phambili kulandele umlobokazi noyise nomndeni nazintombi.
Esibayeni uyise uphinde abike futhi ukuphuma komntwana ekhaya amcelele okuhle kodwa emendweni wakhe. Kube sekuphunywa esibayeni kuyiwe ngaphandle komuzi, laphoke onina abaqhubeka nemicimbi yangaphandle komuzi. Umlobokazi uyakhunyulwa yonke futhi imvinulo yakhe abuyele kuyo ingubo yokulala. Umlobokazi uhlaliswa phezu kwebhokisi lakhe. Unina uphuma ekhaya nokhamba lwesizulu bese beyale intombazane okokugcina. Kuningi abangamyala ngakho kodwa okubalulekile kakhulu wukuthi, uma usuganile awube usabuyela kini ngoba emzini wakho kusuke sekuyikhaya lakho elisha. Unina wentombazane kalubeki unyawo lwakhe odwendweni lwengane yakhe, usala esikhundleni la kade kuhleli khona ingane yakhe abophe isifociya.Unina wentombazane uqukula ukhamba ayiphuzise bese ethi “uthule mntanami noma sekunjani” lamazwi uwasho ebe emsula umlomo sakumvala umlomo. Kube sekukhukhulwa kubhekwe kwamkhwenyana.
Uma sekufikiwe umthimba uhlala endaweni okuthiwa kesesihlahlani kanye nayo yonke imithwalo abafike nayo. Sebeyoze basuke esihlahleni sebeya esigcawini uma sesikhonjiwe. Izintombi kanye nezinsizwa zomthimba zingena emagcekeni akwamkhwenyana kusempondo zankomo kuthiwa bayobika umntwana. Ibhokisi bangena nalo kodwa lithwelwe izinsizwa zakwabo. Bangena naye umlobokazi kodwa usuke ezifihle ngengubo yokulala engabonakali. Uma sebephumile ekhaya umlobokazi ubuyela esihlahleni nezimpelesi zakhe, abanye basale lapha esangweni bagqumshele, lokhu kusho ukuthi kuyaqhoshelwana phakathi komthimba nekhetho ngayo belu inthatha kusa, kuyaqgumshelwa kushise phansi“sikhuz’umahlasela sekuyasa” Ngemuva kwalowo mgqigqo kubuyelwa esihlahleni. Isihlahla yindawo lapho umthimba ozilungiselela khona umgcagco. Kulungiswa nemvunulo kucwalwe nezicholo. Akumele abakwamkhwenyana babone umlobokazi engakayi esigcawini. Umkhongi nguye okumele anekekele umthimba ngokubalethela ukudla notshwala. Noma ngabe yini abayidingayo kulesisigaba kumele bakhulume nomkhongi. La esihlahleni abafuna ukuphumula bayaphumula, njengoba phela bekade bengalele ubusuku bonke. Ngalesisikhathi kuyenzeka umthimba uhlatshiswe umkhwenyana ngesilwane ikakhulukazi uma umthimba uzovalela. Leyonkomo iyahlatshwa khona ngokusa, kodwa yonke imicimbi yayo iphathwa yiwo umthimba, iphekelwa khona lapho ngaphandle. Lenyama idliwa yiwo umthimba enye bahambe nayo uma sebehamba. Akusiyo impoqo ukuthi umkhwenyana ahlabise umthimba, kodwa kubakuhle ukuze abantu badle banele.
IMVUNULO KAMAKOTI :
Kuba isidwaba senkomo, imbatha elimbathwa emahlombe inhloko noma isicholo. Okokuhloba kuya ngezigodi kwezinye uhloba ngobuhlalu obunye abuqgize emadolweni nasezihlakaleni kwezinye uhloba ngamashoba. Umlobokazi wemboza ubuso ngemvakazi uyoze ayikhishwe yibo abasemzini.
UKUNGENA LOMGCAGCO :-
Umgcagco uphuma ngezikhathi zasemini yantambama ngoba kusuke kuzogcagcwa kubuzwe umthetho kuphela. Uma kuwudwendwe umabo wenziwa ngakusasa hhayi ngelanga elilodwa. Kube sekufika ozokhomba isigcawu lokho kusho ukuthi umthimba usuya esigcawini. Ngalenkathi ikheto lisuke seliqhamuke ekhaya ngezigi laze layothi shaye esigcawini. Umlobokazi usuke esazemboze ngesambulela, okuyothi umkhwenyana eze azosethula ngemali. Umthimba uqala ngazo izingoma zomgcagco zishaye impela kushise phansi. Kubakhona nokuqhoshelana phakati komthimba kanye nekhetho.Umkhwenyana ubuye esuke kwabakubo azolanda umlobokazi ambeke phakathi nenkundla kuthiwa “bakhuluma ezabo”akwaziwa ngempela ukuthi basuke bekhulum ngani, kusuke kuyimfihlo yabo.
UKUBUZWA KOMTHETHO :-
Iphoyisa lenkosi libe selimisa yonke into limemeze ngezwi elikhulu “uyabuz’umthetho uthi ugcagca nje uyamthanda na?”uphinda kathathu. umlobokazi akaphenduli kodwa uvele asho ngenkondlo yakhe, aphume yedwa athi qekelele aqonde kulo iphoyisa afik’alishaye ngesicephu. Yiyo leyo impendulo yakhe yokuthi uyamthanda umyeni wakhe.
Engemuva kwalokho abakwamakoti babonga izinkomo, ngokuthi behle benyuka nesigcawu bechaza ukuthi amalobolo aphelela noma kukhona yini okwasalayo.babiza binke oyise bentomabazane bebabiza ngezibongo zabo zobunsizwa. Omame bona babonakala beloku behla benyuka metshikiziza imishanelo. Oyise nabafowabo bentombazane bayagiya baqephuze. Ikheto nalo liyakwenza okufanayo okuthiwa ziyakhuleka izinkomo nabo bethemeleza ukuthi balobola ngezingaki ezimbala muni, emva kwalokho bayagiya bazibonge kube njeyaya.
Mathambama umlobokaki kumele azame ukunyamalala ayongena ekhaya engabonwa muntu , uma engakwazanga ukwenza lokho, ufica esangweni sekuvalwe ngommgoqo. Abakwamkhwenyana bafuna ukuthi abakoti bakhiphe inhlawulo yalokho bese beyabadedela bangene. kusuke kungeminye yemidlalo edlalwayo odwendweni hhayi ukuthi kuyaliwa
UMVALELO :-
Kulobo busuku umthimba unikwa indlu lapho uzongena khona, bese kuqhubeka umvalelo kuze kuse. Umakoti uhlala ndawonye nabakubo akangen endlini yakhe yedwa. Ngentathakusa izintombi ziyaphuma ziyoshanela amagceke. Kwezinye izigodi izintombi ziya ehlathini ziyotheza izinkuni azosala epheka ngazo umakoti. Uma liphakama ilanga izintombi zithutha yonge imithwalo yokwaba ziyibuyisele esigcawini seziyokwaba. Kwezinye njalo izigodi kwabelwa enhla kwesibaya. Izintombi zisuke zisaqhubeka nengoma nomgcagco zizeziqede ukwaba.
UKWABA :-
Umakoti nguye ophatha izimpahla zokubekela ubabezala wakhe, ashaye inkondlo yakhe “baba nomama nang’shi’yokhalweni ngiseyingane ngiyinto yokwenzani nang’shiyokhalweni”wo kuba wusizi lodwa lapho intombazane isihuba inkondlo yayo. Umabo uyaqhubeka kuqale ngabobonke obaba kulandele abafowabo bese kulandela onina zala nezinye izihlobo ezabelwayo. Umakoti ube esethelwa ngenyongo ukusho ukuthi usebhekwe ngamadlozi asemzini wakhe hhayi awakwabo. Lenyongo futhi ingubufakazi bokuthi useyofela emzini wakhe angcwatshelwe khona. Emva komabo umthimba ukhishelwa uthswala nenyama. Umakoti ube eseyaphuma nezihlobo zakhe ayohlaliswa ngaphandle, lapho umndeni umkhumula konke akade ehlobe ngakho, kuphindele ekhaya. Bese kuqala umcimbi wokumyala okokugcina nokuvalelisana. Ngamunye ngamunye bafike bakhothame eduze kwakhe mamtshele lonke iqiniso ngomendo. Okubalulekile okuvela kuwowonke umuntu ukuthi ekhaya kini awusenayo indawo ngakho ungalothi ubuyele ekhaya.
Umakoti usala nozomhlalisa izinsukwana baze baqede ukugaya utshwala
Ukuhlamibisa kwenziwa uma umakoti esececisa. Laphoke usuke esekhipha izinkamba izinqgoko kanye nobheseni bomama. Emvakwalakho ube esesiwa exhibeni lapho azophekela khona umndeni

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo