Incazelo ngeNgwavuma (Prunus africana)

INgwavuma

INgwavuma (Prunus africana)

Nina bakaSobathintele wakithi eMgungundlovu , uFipha luyiNdlovu enamanxeba! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo ! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga (amaBhunu ka Pretorious) . Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade ngethemba isaphila. Nina beSilo nanso-ke iNgwavuma umuthi omkhulu wokushaya izitha. Ixolo le Ngwavuma liyangena eMabuthweni athunywa ukuyolwa. Kahle-hle kuningi okwenziwa yiNgwavuma ngoba ibuye ibe wumuthi omkhulu wokuvula inhlanhla noma izindlela , ingakwenzela izimanga iyodwa vo, angisayiphathi-ke uma uyiqhathe noMaguqu. Ugeze , , ukhwife, uphalaze uphinde ugqume. Kule Nduku kusebenza kakhulu ixolo. INgwavuma ingeminye yemithi engena nxazombili, kwezimhlophe kanye nakwezibomvu. AmaSoka ayayazi iNgwavuma ngoba yiyona ebahlanganisela uCu uma beyokweshela. Iyangena nakwezokufesa, iyangena kwezesikhundla,iyangena kwezokwakha ugazi, iyangena kwezokuhloniswa , ezesithunzi, iyangena kwezokuvula imimoya kanye naseMagobongweni. Kuningi okwenziwa yile Nduku nina beSilo . Yinhle kakhulu nasemfuyweni ekhathwazwa izisu ezihudisayo ikakhulukazi amankonyane ngenxa yokwanda kobisi lukaNina. Yinhle nakubantu abahlushwa izisu . NgesiNgisi kuthiwa iRed Stinkwood . Ngicela abeSilo bengayiphambanisi noNukani ngoba uNukani ubizwa ngeBlack Stinkwood .Isithombe ngisithole kuMkhulu u Mbongie Khetho khona lapha kuFacebook. Nawe ungamlandela ngokusesha u Mbongie Khetho kuningi uyokufunda , uyokleza kokaNindlini. INgwavuma ithe cithi saka lena eNgwavuma , kuwelele nakwaNgwane .

Khumu!!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo