Umlando ngabaTlokwa baka Motha

Umlando ngabaTlokwa baka Motha

Laba baTlokwa abaziwa ngokuthi bangabaTlokwa ba Mota abaxhumene nabakwaMotha abaphuma kwaThwala. Laba beSuthu esixoxa ngabo lana banyingxenye yabakwaMolefe esibathola bakhe ngaseNtabazwe (Harismith) eminyakeni yama 1800 . Bazalwa uMotha owabe engumfowabo omncane ka Sekonyela wodumo lwamasongo kaSigonyela . UMotha wayezalwa ekhohlo,uyise wabo kwakunguMokotjo kaMontwebi ka Motonosi ka Sebidi ka Molefe kaMokhalaka ka Sekhukhune wesibili ka Kwadi k Tabane (uMotlokwa) ka Mokgatla . UMotha kaMokotjo owabe engumnawakhe kaSekonyela yena wazala oHlubi , Patso , Moropotsana(uKoos). UHlubi wagcina efudukile eNtabezwe wayozinza eNquthu ngegunya lamaNgisi . UMotha yena washonela eMtshezi nokuyilapho ayesezinze khona. Washona ngowe 1861 . UHlubi ukhumbuleka kakhulu emlandwini ngokwelekelela amaNgisi kweyaseSandlwana lapho amaNgiai eyelwa khona noZulu ngaphansi kweNgonyama uCetshwayo . Kuleyo mpi uZulu wazidlela amahlanga.
AbaSuthu bahlukaniswe izigatshana eziningi. Kukhona abaFokeng ,aBakwena, abaTlokwa nabanye abaningi. Ize behlukaniswe izigatshana nje kepha bonke bangabesende lendoda eyodwa uMofokeng owayephila kudala kakhulu engakabusi amakhosi afana nawawoShaka nawawoDingane. NabaTswana imbala nabo baphuma kuyo le ndoda enguMofokeng. Emlandwini wabeSuthu kwahamba kwahamba laphindwa kaningi igama likaMofekeng. Ngakho-ke nabo abaFokeng sebehlukaniswe izigatshana, kuya ngamakhosi ababusayo. KubaFokeng kwabuye kwaphuma nabaTshwana nabo abahlukaniswe izigatshana ngoba kukhona abaNgwaketsi,abaTaung,abaKgatla,abaNgwato ,abaHurutse nabanye abaningi.
Isibongo sakwaMolefe noma ngithi abaTlokwa baphuma kubaKgatla ,nabo abaKgatla bephuma kubaFokeng . 
UMolefe kaMokhalakana nguyena owakwavela ngaye isibongo sakwaMolefe esisabalele izwe lonke ngoba siyatholakala koFlestata ikakhulukaz koQwaqwa nakoFicksburg, siyatholakala eNquthu nakwezinye izindawo zakwaZulu, koMpumalanga ngisho nakoZimbabwe imbala. USekenyela wazala u Leboto noLehana . ULehana wazala uNgone ,uLeboto yena wazala uLedingwana. Cishe lonke uzalo lukaSekonyela lusebenzisa uMolefe njengesibongo .
Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uMokotjo uyise woSekonyela ubukhosi bawela kuSekonyela kepha kwaqala kwabusa unina uMaNtantisi ngoba yena uSekonyela wayesakhula. Ekuthatheni kwakhe ubukhosi wakha umuzi wakhe waseJwalaboholo ngase Ficksburg . Kwathi esanethezekile kulowo muzi wahlaselwa inkosi uMushweshwe eyacisha yavala ngehlahla eJwalaboholo. Ngemuva kwalolo hlaselo inkosi uSekonyela yabaleka nabalandeli bayo yabheka lapho sekuyiMangaung khona namuhla . UMotha wasala eqoqa abantu bakayise ababesinde ekuhlaselweni wababusa. Kodwa lokho kwakusho ukuthi wayeseyokuba ngaphansi kwenkosi uMushweshwe ngoba vele ngesikhathi soMfecane kwakuthi uma kulwa izizwe leso esihluliwe sasiba ngaphansi kwaleso esidle umhlanganiso . Inhloso enkulu yoMfecane kwakuwukulwela ubuNgongama.. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosiMotha kwaphoqa ukuba abaTlokwa babuswe indodana yesibili ngoba uHlubi wayesekhetha ukuya eNatali ayosebenzela amaNgisi . Leyo ndodana yesibili kwakunguKoos owayebuye aziwe ngelika Moropotsana . Ngaleso sikhathi abaTlokwa basebezinze eMtshezi lapho kwashonela khona uMotha. Ngowe 1872 uKoos wacela ukusikelwa izwe endaweni yaseQwaqwa ecela kuHulumeni waseFlestata . Nempela walithola wagcina efudukile eMtshezi nabalandeli bakhe wayokwakha eQwaqwa nokuyilapho ubukhosi babaTlokwa ba Motha busazinze khona namanje. Inkosi uKoos yazala uSilas owayebuye aziwe ngoSikhukhune wesithathu. Kwathi ngowe 1924 uKoos wafaka isicelo kuHulumeni waseFlestata sokuba abe yinkosi yamaTlokwa ba Motha . Kuleso sicelo sakhe wachithwa ,kodwa wabuye wafaka esinye esaphumelela mhla zingama 21 kuNhlaba 1929 . Ngeshwa akasabusanga isikhathi eside ngoba wakhothama ngowe 1931 mhla zingama 2 kuNhlolanja . Ngemuva kokukhothama kwenkosi uKoos kwabusa indodana yakhe uSilas ngeshwa naye wakhothama ngoMandulo wonyaka ufanayo owe 1931 enezinyanga eziSishiyagalolunye ebusa . Ngemuva kokhothama kwenkosi uSilas ubukhosi babanjwa inkosikazi yakhe uEva owayebambele indlalifa uWessels owayesakhula . UWessels waze waqala ukubusa ngowe 1942 . Yena wazala inkosana yakhe uLekunuta. Inkosi uWessels yakhothama ngowe 1988 . Ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa indodana yayo uKutunuta osabusa namanje ebusa abaTlokwa ba Motha esibathola bezinze eQwaqwa namuhla. Manje sebehlukaniswe izizwana ezintathu nokuyisizwe sabaThibela ,abaPhomolong nabaRietpan.
Ake ngime lapho nina beMbube eshoba liyisilikithi. Ake ngiphinde futhi ngicacise ukuthi laba baTlokwa esexoxa ngabo baziwa ngokuthi ‘AbaTlokwa ba Motha’ akubona abantu abakwaMotha abazalwa kwaThwala labo sizabuye sixoxe ngabo .
Kulobe iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo