Unondlini
Sikleza kogwansile

Incazelo ngoBulawu iNingizimu.

  Nina abaka Klebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala!UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UHlanya olusemehlweni amadoda, uNomakhwelo iNgonyama! Enhla nasezansi ngiy... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnqandane\Bluebush\Monkey-plum\Monkga-nku:::

  Nina baka Singquma kakhulumi akanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqed’umuzi ngokunkenkeza! uQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa uMdlebe kwaSoshangane!! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abakaJininindi ka Ndaba omnyama. Cha, thi... qhubeka ufunde »

USingalwesalukazi 

USingalwesalukazi Lona wumuthi owelapha izifo ezithi azibe ningana. Njengoba ngihlezi ngisho ukuthi kuyenzeka ukuthi umuthi wenze eminingi imisebenzi empilweni yomuntu ube uwodwa. NoSingalwesalukazi nalo-ke lunjalo . Abaningi balwazi njengoMbhemiso, umqotho walo ubhenyelwe inzululwane nekhanda elididizelayo. Yebo kunjalo . Kodwa lubuye lube wumuthi wokwelapha isifo sokuwa  ,kuye kusebenze amakhasi kulo muthi , ayabiliswa , abe yisiphungo sesifuba nesifo sokuwa. Uyangena futhi endukwini yokushunqisela umuntu onesifo sokudlikiza . Ubuye uchathe nabantwana abancane ukuphozisa esiswini. Lena kweBatswana izinsizwa zakhona ziyawufaka embizeni yokulola imbazo uma isibuthuntu. Nanso isithombe sawo ngenhla #Khumu!

Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}

Uhla lwemithi yoBusoka {yobusoka neyokwakha uthando}   Nina baka Zulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela, uDunjwa yedwa limkhandanise. Kulombhalo ngizothinta imithi eye isetshenziswe ekwakheni uthando , kanye nasebusokeni .        Nxa nsizwa izophuma iyokweshela kub... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane

Incazelo ngemithi ethinta abesifazane nezingane   Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe . Kololu hlelo lwemithi ngithinta imithi ewusizo kakhulu ezinganeni kanye nakubantu besifazane . Miningi –ke yona kodwa ngizothinta embadlwana nje kuphela -{Umuthi} *{Incazelo} -... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yamanxeba

Incazelo ngemithi yamanxeba   -{Umuthi} *{Incazelo} Nina bakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe ngu-Mantshonga benoGqelebana, iMbube shoba liyisilikithi . Lolu hlelo lwemithi engizolubhala lapha luyimithi , iningi luyimithi elapha amanxeba okulimala enyameni , nasemathanjeni , kanye nokw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}

Incazelo ngemithi yokuphalaza{eguqulayo}   -{Umuthi} *{Incazelo} Ziningi izizathu noma ngithi izinhloso zokuphalaza. Ezinye zazo ukuthandeka nokuba nogazi kubantu, ukwelapha isifo esithile esisemzimbeni esifana nedliso, ukuqeda amaphupho amabi, ukuqeda amashwa{ikhona imithi yakhona eqeda amashw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngemithi eyizintelezi

Incazelo ngemithi eyizintelezi   Nina beMbube eshoba liyisilikithi u-Hlamvana bhul’umlilo eNdulinde ! Uma kukhulunywa ngemithi eyizintelezi kusuke kukhulunywa ngemithi esetshenziswa kakhulu emacaleni , ezimpini , emngangeleni , enqineni , ekuqedeni amalumbo , ekuvikeni impahla yomuzi- kungaba... qhubeka ufunde »

Amakhambi ezifo eziphelekezelwa uqhuqho

Nina baka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. Ake sibheke imithi yesintu eyelapha izifo ezithinta uqhuqho {ezigodolosayo} . Kubalulekile ukuba umfundi walo mbhalo aqonde ukuthi emithini yesintu kuyenzeka ukuthi umuthi welaphe izifo eziningi uwodwa, noma ngithi wenze i... qhubeka ufunde »

Amakhambi omkhuhlane

-(Igama lekhambi) *(Umsebenzi walo kubantu) Endulo bengakabikho oDokotela noNgoti bezemithi oKhokho bethu babethembele emakhambini esintu ekwelapheni izifo. Ayebesebenzela , elapha ngisho izifo eziyingozi ezazibangwa izibawu kanye nomiyane . Lawo makhambi asekhona nanamuhla ize iningi lethu seliwash... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!