Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! INkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !#ISilo uShaka leso! Nina beSilo ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi, ngeth... qhubeka ufunde »
Nina abakaGaqa libomvu lawoBathonyile ,iSibuko sikaMaphitha benoNzibe , abebezibuka ngaso beya kwaNkosinkulu! IGwagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabhej”iShowe , kwaze kwaya kwabhej’uLwandle noThukela ! #iISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeMbybe eshoba liyisilikthi. ... qhubeka ufunde »
Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe ! Enhla nasezansi ngiyanibingelela nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila ! UMvuthwamini: Nina abeSilo lo muthi eniwubona esithombeni esi... qhubeka ufunde »
.Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane -khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSende lenja (Cucumis africanus) Nina abaeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobizeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda.IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladla uPiti kwabaseMgungundlovu.ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyab... qhubeka ufunde »
Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi eMaphethelweni ngeyawo Ndlela ka Sompisi ngeyawo Dambuza ka Ntombela ! USimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini ! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingel... qhubeka ufunde »
Nina abakaSihlangu simagqabha sinamanxeba ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngethemba basaphila bonke abeSILO . Cha , thina sisaphila sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni ... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeShongwe (Pachycarpus scaber) Nina abakaMakhalima khande njengeZulu lona limakhalima limandindizela.UKhawuleza Nkume ka Ndaba uyoyifica imizi emaphethelweni ngeyawoNdlela ka Sompisi ngeyawoDambuza ka Ntombela.Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade,ngethema nisaphila nina... qhubeka ufunde »
Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengeMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! USingqumba khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iN... qhubeka ufunde »
Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uFulathela uBombo lwabhidlika, uNtaba zimbili zakhalene zentula ngisho ukuxhawulana, iNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade kungu mhla wesine kuNhlangulana (Juni) onyakeni ka 2023 . Ngethemba nisaphila... qhubeka ufunde »