Unondlini
Sikleza kogwansile

Incazelo ngeSigobo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! UDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele, luyadla lubeka iSihlangu emadolweni! #ISilo sakithi KwaDukuza leso ! ISilo uShaka ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyab... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMziwa  ( Euphorbia hirtia, Asthma Plant)

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela iNkundla yakwaBulawayo! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyofuka uMdlebe! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga!!…Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . *** Nina beSilo lol... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSiphephetho  ( Siphonochilus aethiopicus )

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olusemehlweni amadoda! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayiwa ukulila ! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVuk’emalibeni ( uMalibeni )

Nina abakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Nina abakaSomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhaxa imilomo!UMgwazi kaqaqi uqaqelwa zinyoni zezulu! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNga... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKhalimele  ( Dumasia villosa )

Nina bakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!! INhlehlanyomvane ka Ndaba ehlehle futhi  ngoBulawayo ihlehlela izinkomo zamaSwazi! #ISilo sakithi kwaNodwengu leso.ISilo uMpande ka Senzangakhona . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlaza ( Coleus esculentus , African Wild Finger Potato)

Yini uMhlaza? UMhlaza izambane lasendle, lidume kakhulu njengoMthombo wokudla kubantu beNdabuko njengoba liyi-tuber(isigaxa) enomsoco kunayo yonke imifino ye-tuber futhi iqukethe izinga eliphezulu lesitashi (80%). Ngaphezu kokuqukethwe isitashi esiphezulu, le tuber  iqukethe u-13% wama-amino acid a... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSinyembane   ( Senna occidentalis \Coffee senna)

Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela nina beSilo , ngethemba isaphila iNgabade . Cha , thina sisaphila eMantu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsema  ( Sehamela podi )

Incazelo ngeNsema (Sehamela podi) Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso , iSilo sakithi KwaDukuza! Enhla nasezansi ngiyayibingele... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVungulomoya

Nina abakaKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! #ISilo uShaka leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo .Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo leNduku e... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhaya  ( Senegalia burkei  \Acacia burkei , Mokgwa )

Nina abeSilo sakithi eMgungundlovu uMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye iMpi yakhe , iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha , ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!