Unondlini
Sikleza kogwansile

Incazelo ngeCacane  ( Aloe cooperii)

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! USingquma kakhulumi kanamlomo akanjengoDlondlwane lwakithi kwaBulawayo lona olwaqeda umuzi ngokunkenkeza!! #ISilo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeCena  ( Aloe greenii \ Aloe maculata  \Soap Aloe)

Nina abakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu ! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane . Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , ngethemba basaphila . Sisachaza zona iziNhlaba nina beSilo , ph... qhubeka ufunde »

INkalane (Aloe vera)

Nina abaManda sithebeni lo  onjengeNsonyama ! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayolahla eziNkwazini zoThukeka ! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yiMhlambi yezinyamazane !! INkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu senyamazane... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlaba enkulu  ( Aloe ferox)

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sibhobokayo umuntu uyakuziwa izindaba!! UMgwagwa wezulu!! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Lokhu sasiyokwenza amagudu okubhema!! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga!! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo !!̷... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhwishamanzi     (Cormorant\uMphishamanzi)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindi ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!!#ISilo sakithi oNdini leso iSilo uCetshwayo ka Mpande .Enhla nasezansi ngibabingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila*****************Le... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMakhosi aseBaThenjini, oJama kanye noNdina bakaMnisi:::

Uma kukhulunywa ngaBaThembu kusuke kukhulunywa ngabantu bakwaMthembu kanye nabakwaMvelase. AbakwaMthembu bayiNdlu enkulu yaBaThembu , kanti abakwaMvelase bona bayiNdlu encane . Ngasohlangothini lweNdlu encane yaBaThembu okungabakwaMvelase endulo  kwagqama kakhulu inkosi uNgoza ka Mkhubukeli , esesa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNgibonisele

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezan’abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! IGwija likaMdlaka ligwegwe lij... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMenembo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , iNkomo eyakhala khala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iwuhlobo lweNtuma olubizwa ngokuthi uMenembo . Kusebenza impa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlume ka Nhloyile  ( Rhizophora mucronate,Red Mangrove) 

    Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo , yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni!! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga!UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane #ISilo sakithi eMgungundlovu leso, iSilo uDingane ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeBohlololo lasoLwandle  ( Aptenia cordifolia )

Nina abakaSingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya! UMancwaba weZwe lamaphethelo lona lincwaba ngeMikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso! ISilo sakithi eMgungundlovu…Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!