Nina abeZulu eduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo , UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixaxelegu!! #ISilo uCetshwayo leso iSilo sakithi oNdini……………. Enhla nasezansi ngiyababingelela bingele... qhubeka ufunde »
Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili ! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana!# ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane ..Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. UMhlonishwa N... qhubeka ufunde »
Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , uDunjwa yedwa limkhandanisile!! UNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ,ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe!!#ISilo uShaka leso , iSilo sakithi kwaDukuza. Enhla nasezansi ng... qhubeka ufunde »
Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma !! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDinngane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyababinge... qhubeka ufunde »
Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! IMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise#ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini. Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiw... qhubeka ufunde »
Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane. Nina beSilo le Nduku ... qhubeka ufunde »
Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgab... qhubeka ufunde »
Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!IGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . ... qhubeka ufunde »
Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshwatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!! #ISilo uMpande leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke ... qhubeka ufunde »
Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi n... qhubeka ufunde »