Unondlini
Sikleza kogwansile

Incazelo ngoMshekisane  (Euclea crispa)

Nina abakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini! UNowelamuva wawoShaka, uMdayi sabela kweliPhesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama!#Enhla nase zansi ngiyayibingelela iNgabade, sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eni... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsele  (Honey Badger)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlele! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UHlabahlungu bazoshumayena abasezitheni nabasemakhaya!!#ISilo sakithi KwaDukuza leso iSilo uShaka ka Senzanga... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKalimuzi ( Kalmoes ,Acorus Calamus)

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane ka Bhusha ka Nayifi..  Nina beSilo le Nduku  eniyibonayo ibizwa ngoKalimuzi ngesiZulu oku... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoQonsi   (Eriosema umtamvunense)

Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! USihlangu simagqabha sinamanxeba! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!!#ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane……Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeS... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlokoshiyane ( Searsia tomentosa )

Nina bakaMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni, uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu,UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane!#ISilo uMpande leso .ISilo sakithi kwaNodwengu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMavumbukuka  ( Sarcophyte sangainea, iHlule)

Nina abeNkayishana enkulu ka Menzi ephuza uMlaza ngameva ! ULanga lisehlule madoda sesingamavithi!#ISilo sakithi kwaDlamahlahla leso , iSilo uSolomoni ka Dinuzulu.. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ngethemba basaphila. Le Nduku eniyibonayo  kuthiwa uMavumbuka igama layo .Ibuye ibizwe ngeHl... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMoyawezwe   (Gerbera  piloselloides)

Nina abakaMancwaba wezwe lamaphethele lona lincwaba ngemikhemezelo! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe umshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! USingquma khuluma bakuzwe umoya abasezitheni nabasemakhaya!! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane ka Senzangakhona!.. Nina b... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMphenduli  (Acalypha villicaulis)

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso , iSilo uMpande ka Senzangakhona. Enhla nasezansi ngiyabing... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtshe  (Ostrich)

Nina abeGwalagwala likaMenzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela !! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixexelegu!! ##ISilo sakithi oNdini leso , iSilo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoZangume (Helichrysum acutatum)

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! IGwija likaMdaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!! UDlondlwane luya luhlezi luya ludlondlobele luyadla lubeka iSihlangu amadolweni!! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu . Ngethe basaphilala . UZangume Nina be... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!