Umlando ngoMntwana uHhamu ka Mpande noNzibe .

 

UMntwana uHhamu ka Mpande noNzibe

Umlando ngoMntwana uHhamu Zulu

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni.ISilo uMpande leso , iSilo sakithi kwaNodwengu.Nina beSilo ake ngiphose itshe eSivivaneni ngoMntwana uHhamu ka Mpande noNzibe.UMntwana uHhamu wayezalwa uNdlunkulu uNoziphuku ka Sothondose wakwaNxumalo owayekade engenye yeziNgoduso zoMntwana uNzibe owasala kwaSoshangane ngowe 1828 eMpini eyayikade iphakwe yiLembe ukuba iyohlaselwa kwaSoshangane. Kuthiwa iSilo uShaka sakhipha iMpi yalibhekisa kwaSoshangane ukuyohlasela uSoshangane wakwaNxumalo,owayesuke kwaZulu ngemuva kokwehlulwa kwenkosi uZwide ihlulwa yiSilo uShaka ngo1821.Kuthiwa kuleyo Mpi kwakukhona naBantwana esingabala kubo oMhlangana , uDingane,uNzibe kanye nabanye. ABantwana oMhlangana,uDingane noMbopha bagcina bethe khumu kuleyo Mpi baphindela KwaZulu , bayosoconga iLembe. UMntwana uNzibe yena waqhubeka neMpi , kanti uzofike asale khona kwaSoshangane .Kuthiwa iNduna uMdlaka Ntshangase yayalela amaButho ukuthi amethwale uMntwana esuke naye oBhalule ayotshalwa kahle kwaZulu  ngesizotha.UMntwana ukhothama nje ushiye iziNgoduso zakhe ezimbili.Lezo ziNgoduso kwakungoNoziphuku ka Sothondose Nxumalo kanye noMkhana wakwaQwabe.UMntwana uNzibe wayezalwa uNdlunkulu weNkosi uSenzangakhona uSongiya ka Ngotsha Hlabisa,wayelamana neSilo uMpande kanye noMntwana Ntikili owagana inkosi uMayanda ka Veyane yaBakhwanazi kwazalwa inkosi uSomkhele okwaqanjwa ngayo indawo yakwaSomkhele.Kuthiwa kwathi lapho esekhotheme uMntwana uNzibe ozakwabo bamthwala baze bayofika naye kuMntwana uMaphitha ka Sojiyisa Zulu owathi uma ebona isidumbu ngendlela esasesonakele ngayo wathi masitshalwe  ngendlela yaseNdlunkulu, Safihlwa ke emzini kaMaphitha Okledeni, namanje iDlinza lakhe lisabonakala lilondolozwe yibo Abantwana bakwaMandlakazi oKledeni.ISilo uMpande sazithatha leziNgoduso zomnewabo kwaba ngezaso zombili evusa indlu yomnewabo uNzibe, kuNoziphuku wazala umfana wamqamba igama wathi nguHhamu owabuthelwa  eButhweni laMamboza (uThulwana) nokunguye esabuye samkhipha ngokumnika indawo ukuba ayibuse eBaqulusini, lomuzi iSilo uMpande sawuqamba igama sathi yikwaNgenetsheni.Ngesikhathi seSilo uCetshwayo uMntwana uHhamu kaNzibe wake wenza isimanga, waxabana nenduna yeNgobamakhosi, induna uSigcwelegcwele kaMhlekehleke wakwaMngadi, ibutho laMamboza noma ngithi uThulwana induna yalo kwakunguye uMntwana uHhamu.Lengxabano yalezinduna yasuswa ukuthi njalo uma oweMamboza evakashelwe yinkosikazi yakhe kumele abafana beNgobamakhosi baphume edlangaleni njengoba lamabutho abehlaliswe ndawonye, abafana laba batshela induna yabo uSigcwelegcwele ukuthi abasafuni ukuphuma emadlangaleni manje, lasho lokhu lelibutho libhema igudu.Kwathi ngokuqina kwengxabano yabo basongelana ngokutholana eMkhosini weNgonyama wokweshwama, lafika elingaliyo, kwathi nje ukuba ziphelele zonke izikhulu zezwe, yabe isiyahlangana ngaphakathi esigodlweni seSilo uCetshwayo sasoNdini, kwakhala ubuphihliphihli, mamo abafana beNgobamakhosi balwa bazibamba zaqina ngqi, baphindisela ngempela ebuthweni laMamboza yize aMamboza ayemadala ngokweminyaka.Kwathi uma uMntwana uHhamu ebona ibutho leNgobamakhosi lingahlehli, wasememeza ngezwi elikhulu wathi ‘Bagwazeni ngeMikhonto’ mameshane aMamboza ahosha imikhonto bayifaka njalo enyameni, INgobamakhosi yaphindisela ngawo umkhonto nayo, AMamboza amuka nayo iNgobamakhosi, kwagobhoza igazi elesabekayo koMkhulu, iSilo uCetshwayo sathukuthela kakhulu sibuza ukuthi ngubani lo osenamandla okuphaka impi lapha esigodlweni sakhe?Lempi yaze yalamuleka sekungasazi muntu, lesisenzo soMntwana uHhamu sadala uhlevane phakathi kwakhe neSilo uCetshwayo, uMntwana uHhamu wabuye wakhipha umyalelo wokuthi makabulawe uSigcwelegcwele, uSigcwelegcwele wabaleka wayocasha Ongoye, wagcina esekhiphe izinkomo zenhlawulo.UMntwana uHhamu kaNzibe wazala uKhambi, emzala kuNdlunkulu uNgcebo wakwaMhlongo, uMntwana uKhambi yena wazala uMashibha yena wazala uKufakuyazikhuluma yena ozala iNkosi uMntwana uBhekumuzi obusayo kulendlu yakwaNgenetsheni. ESandlwana uMntwana uHhamu walwa ngasohlangothini lukaZulu. Kodwa kwahamba kwahamba wagcina esembikile , yena noMntwana uZibhebhu kanye nabanye bagcina sebesetshenziswa ngamaNgisi ukuba badale iZinxushunxushu KwaZulu. AmaNgisi ayebahlomisa ngeziBhamu..

Izibongo zoMntwana uHhamu

UNombamba majozi kaQengwa

UBhukudis’abant’esizibeni

Baze bashona nezinjotshana zabo

UMsuka weZulu eliphezulu

USompompa odlela endlebeni yeNdlovu

Nyakamumbe uzodlela kweyeNgonyama

USokhethabahle nasebumnyameni

ONkomo zidla elubonjeni zingawi

Zidla la bekudla khona amadube nezindlovu

ZinjengezikaNgudu emaMbatheni

UNingizimu vimbela iNyakatho

INkomo ekhala ehlungwini kwaMlambo

INgwenya edla umuntu imlindile

USihlangu sibukelwa nguNdiyaza

UGogodi ozihluzayo

UMkhon’onamagabel’amanxeba

UMzimba unobonge lazitha

UChaza zimlamboshe

UJujubeza amathafa akulingene

Kayiphingiwe ngenkulu

Khumu.

Niphile nina beSilo .Thola olunye ulwazi ngamanye amaQhawe kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo