Umlando ngoNxaba kaMbekane Msane

*UNxaba kaMbekane Msane
UNxaba kaMbekane wayeyinkosi yabakwaMsane ebusa abakwaMsane ababezinze lapho sukuyiHluhluwe khona. Umuzi wenkosi uNxaba kwakuse Gobeni.
Lesi sizwe sakwaMsane sasingalwi ngemikhonto,kepha sasithungela imizi yezitha ngomlilo sishisele phakathi abantu. Lomkhuba wabantu bakwaMsane wayicasula kakhulu iNgonyama iShaka ‎yabe isinquma ukuthi iwuqede lomkhuba. Wabe eseyiphaka-ke impi okaNdaba yayohlasela inkosi uNxaba nabantu bayo. Baningi abantu abafa lapho kodwa inkosi uNxaba ayifanga, yaphunyula, yababaleka yayobhaca ehlathini. Isihambile impi yeNgonyama uShaka inkosi uNxaba yasala iqoqa imithonseyana yabantu bayo maqede yabhekisa amabombo enyakatho. Kwakungunyaka ka 1821 ngenkathi inkosi uNxaba isuka kwaZulu ibhekisa amabombo enyakatho. Ngawo lowo nyaka ka1821 iSilo uShaka sasikade sinqobe inkosi uZwide empini eyaliwa iziwombe ezintathu. Esokuqala salwelwa egqumeni lakwaGqokli, esesibili salwelwa ngasezibukweni lomfula uMhlathuze, kwathi esokugcina salwelwa kwisinindolo yehlathi laseNkandla. Kwathi ngemuva kwaleyompi amaqhawe enkosi uZwide oZwangendaba Jele owayekade engenye yezinduna zebutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi yibutho laMaphela kanye noSoshangane Nxumalo nabo banquma ukuba balifulathele elakwaZulu, babhekise amabombo enyakatho.Lezi zinsizwa zabuye zahlangana lena koDalagubha(Delagoa Bay)  ,zenza umfelandawonye, zahlasela ezinye izizwe ngokubambisana ngobuthathu bazo. Kodwa lowo mfelandawonye washesha waphela ngoba kwathi ngonyaka ka1831 kwaqubuka impi phakathi kwala maqhawe amathathu, uNxaba noZwangendaba bahlanganyela uSoshangane Nxumalo, kodwa wabachitha uSoshangane babaleka.
Kwathi ngonyaka ka 1832 inkosi uNxaba ‎yakha isigodlo sayo saseGobeni ll ezweni lenkosi yaseBuNambiya, inkosi uSilozwane endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseHwange, eZimbabwe. Kwathi ngonyaka ka 1832 kwaqhamuka inkosi yesizwe samaHololo uSibindwane (Sebetwane Mofokeng) eyabe isuke ngaseNtabazwe ibalekela uMa-Ntantisi wabaTlokwa unina kaSigonyela wodumo lwa’Masongo kaSigonyela’,amabombo yayiwabhekise lapho sekuyizwe laseZambia khona namuhla. USibindwane wagcina akhe ezweni labaLozi bakaLewanyika inkosi yesifazane. Nanamuhla sisekhona isizwe sikaSibindwane endaweni yaseBarotseland, eZambia.

Uma usuka ngaseHwange nokuyilapho kwakwakhe khona inkosi uNxaba uya eBarotseland nokuyilapho kwakwakhe khona uSibindwane kuyibanga elingamahora amathathu uma uhamba ngemoto. Ngakho-ke inkosi uNxaba yazibona ingaphephile ngokwakha kukaSibindwane eduze nezwe layo. Yabona kukuhle ukuba iphake impi. Nempela yayiphaka zanqikilana ngasemfuleni uGwembe (Zambezi River) owabe udla izindiwani. Ngeshwa yanqotshwa impi yenkosi uNxaba . Maningi amaqhawe enkosi uNxaba asala enkundleni, nayo imbala yaminza yakhothamela khona lapho.  USibindwane wayekade elekelelwa abaLozi kuleyo mpi. 

Ngemuva kokukhothama kwe‎nkosi uNxaba abantu bayo bahlakazeka bagcwala izwe lonke. Abanye bakhuphuka noZwangendaba babheka eMalawi, kwathi banye basala bekhonze kuNyamatana owagcina esegane inkosi uMzilikazi Khumalo. Abanye bakhonza enkosini uLewanyika yabaLozi. Kuthiwa inkosi uLewanyika yathi uma ibabuza ukuthi bangabakwabani isibongo baphendula ngokuthi bangabakwaZulu, besho ukuthi baqhamuka kwaZulu. Ukusukela ngaleso sikhathi  bonke abantu basebuNguni ababekhonza enkosini uLewanyika 
babezitholela isibongo esisha, sakwaZulu. Empeleni oZulu baseZambia, Zimbabwe, naseMalawi abahlonene nhlobo noZulu bakwaZulu,  oMageba ,oMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda.
Ake ngime lapho mabandla kaMjokwane kaNdaba
Kulobe-uBongani Kholo Khumalo
IMeyili -bornkhumalo@yahoo.com
UMakhalekhukhwini-084 098 4016

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo