Izaga

1. Umlungu angathungwa isicoco

– Kusuke kufungwa. Uma umuntu ethi into ethile ayisoze yenzeke usebenzisa sona lesi saga. Incazelo yaso iyefana neyesaga esithi “inkomo ingazala umuntu”

2. Wande ngomlomo kuhle kwesiqebetho

– Wande kakhulu ngokukhuluma kepha uma sekuyiwa ekwenzeni uyahluleka. Isiqebetho kushiwo iskigi

3. Wakhahlelwa yihhashi esifubeni

– Akakwazi ukugcina imfihlo. Watshelwa into ethile uhamba eyifafaza kubo bonke abantu .

4. Unyawo alunampumulo

– Umuntu kudingeka aphathe kahle abanye abantu ikakhulukazi abakofika noma ngithi izivakashi ngoba ngelinye kuyohamba yena .

5. UZenzile kakakhalelwa kukhalelwa uZumekile

– Umuntu owenza into emfaka enkathazweni ngamabomu angeke aluthola uzwelo oluqhamuka kwabanye abantu .

6. Abantu abayi ndawonye bengemanzi

– Akuvamile ukuthi abantu bavumelane ngemibono . Bahlezi benimibono ehlukile. Abanye bandose baya lena , abanye nabo baye le.

7. Akukho qili lazikhotha emhlane

– Angeke uhlale wenza okubi kwabanye kukulungela, uyoze uhlangane nontanga yakho ngelenye ilanga.

8. Akusilima sidlebende kwabo/ Asikho isilima esindlebende kwabo

– Ngisho umuntu engaba mubi kangakakanani ngezenzo kodwa abakubo bayohlezi bemthanda .

9. Ingane engakhali ifela embelekweni

– Uma unenkinga kudingeka uyibikele abanye ukuze bakusize ukuyixazulula. Uma uthula iyokucindezela kakhulu leyo nkinga.

10. Inyanga kayizelaphi

– Noma unalo ulwazi lokwenza okuthile kodwa kudingeka ucele usizo nakwabanye bakulekelele.

11. Isisu sesihambi kasingakanani,singange nswana yenyoni

– Ubosipha ukudla isihambi ngoba size sikuqede ukudla kwakho enqolobaneni.

12. Inhlambi yamanzi ifela emanzini

– Umuntu ufela kulowo msebenzi awenzayo ,kungaba umsebenzi omuhle noma omubi

13. Umlobokazi uhamba esagcobile

– Umuntu uma ehamba esuka endaweni abekade ehlala kuyona, noma eshiya umsebenzi ebakade ewenza ,makahambe kusekuhle abantu besamthanda .

14. Amaqili kawahlali ndlininye

– Abantu abazibona behlakaniphile angeke bahlalisane endlini eyodwa .

IZAGA EZAPHATHELENE NEZILWANE

1. Indlovu idla abasondezeli

Abasondezeli ngabantu abasondelene kakhulu nomuntu omkhulu. Kungama inkosi ,umphathi wenkampani,umengameli wezwe njalo njalo.

– Lesi saga sichaza ukuthi abantu abaseduze nomuntu omkhulu yibona abazithola sebesezinkingeni.

2.Umkhumiso usulingene izintondolo

– Akusekho lutho oluphuzwayo noma  oludliwayo. Okusasele kuyodliwa ngabantu abadala

3. Inkomo ingazala umuntu

– Ngeke yenzeke leyonto

4 . Ababulali benyathi balala ucwayimbana

– Kunabantu abazenza izilinyana kodwa bebe behlakaniphile. Obobexwaya abantu abanjalo.

5.Ayinyonki kabili

– Ungangikhohlisa namuhla, kodwa kusasa ngeke usalunga.

6. Akukho nkwali yaphandela enye.

-Indoda nendoda iyazisebenzela , ayikho indoda esebenzela enye indoda .

7 . Ayikho inkomo yobuthongo

– Uma uyivila uthanda ukulala ngeke ube nalutho empilweni .

8.Ingwe idla ngamabala.

–  Izenzo zomuntu ezinhle ezimenza athandeke kubantu noma emphakathini.

9. Ayihlabi ngakumisa

– Ungamethemba uma umbuka kodwa uma sekwenziwa uthole ukuthi akakwazi ukwenza lokho okudingeka ukuba akwenze.

10. Akuzinyane lemvubu ladliwa izingwenya kwacweba iziziba.

– Akekho umuntu oke abulawe ngomunye umuntu kuthuleke nje kungaziwa ukkuthi wabulawa ngobani.

11. Akunyoka zakhwela zingenanyawo

– Awukwazi ukuthola impumelelo ngaphandle kokujuluka, kudingeka usebenze kanzima ukuze uphumelele.

12. Ingwenya idlela emsingeni

– Ubohlonipha omakhelwane noma umphakathi , ungenzi okubi phambi kwabo.

13. Inkonyane ithuka isisinga

– Ukwenza amaphutha ngesizathu sokuthi lokho osuke ukwenza awukajwayeli ukukwenza noma uyaqala ukukwenza.

14. Igwababa like liphathe umgobo unhlonyile ahawuke

– Kuyenzeka ukuthi ukuba umuntu ongelutho abenento umuntu ongcono angenayo. Lowo muntu ongcono agcine eyihawukela afise ukuba nayo naye

15. Isithukuthuku senja siphelela eboyeni

– Konke akwenzeyo akubongwa futhi akunconywa ngisho noma kukuhle kanjani

16. Uve isisila salo

– Ukuxwayisa umuntu owenza into ezunuye imfake enkingeni, noma imlimaze

17. Izwibela ladla indlovu

– Into encane eyedelelekayo ingaba yingozi kuwe ,ikulimaze

18. Inja yokuhamba ibindwa uqhotho

– Uma ungumuntu othanda ukuhamba , uwehla enyuka njalo, iyoze uzithole ususenkingeni ngaokhu kuhamba kwakho.

19. Ikhotha eyikhothayo engayikhothi iyagwaphuluza

-Umuntu usiza lowo aye athole usizo kuye , lowo ongakaze amsize umshaya indiva .

20. Inkawu idlala ngesikhwebu

– Lento anayo ayimfanele neze. Bakhona abangcono kubaye engabafanele

21. Izalele ethekethekeni

– Akusekho lutho oludliwayo noma oluphuzwayo sekuphele du

22. Umvundla ziwunqanda phambili

– Uma ungumuntu owenza okubi kwabanye abantu nawe uyoze ubathole ontangayakho abayokwenza into efanayo

23. Inkukhu isinqunywe umlomo

– Akusekho angabe esakusho ,usehlulekile ukuzivikela

24. Iyagodla nxa igqulwa , yehlise nxa inxenxwa

– Uma ucela usizo komunye umuntu kudingeka ukuba uncenge , uma ungancengi ngeke uluthole lolo sizo

25. Kubhaxulana oxamu

– Kushiwo uma abantu ababili bethandana, bobabili bebabi , kungekho omuhle phakathi kwabo.

26. Imbuzi ilele phezu kwezinyane

– Umzali usuke evikela ingane yakhe ezenzweni zayo ezimbi.

27 . Inkonyane yomgakla yeqa lapho kweqe khona unina

– Ingane yenza izinto ezibona zenziwa umzali wayo. Kungaba ngezimbi noma ngezinhle

28.Ngumhlambi kazelusile

– Bayazenzela nje ekhaya . Akekho obabhekile .

29. Inkunzi isematholeni

– Abaholi bakusasa basezinganeni ezikhulayo

30. Ikhaba abayisengayo

– Into yonakala  ngisho noma yenziwa yilabo asebajwayele ukuyenza . Incazelo yaso iyefana neyesithi ” Nelengqwele nalo liyopha “

31. Imamba iyazichobozela amaqanda ayo

– Umzali uyazikhulisela izingane zakhe

32.Ikati lilele eziko

-Akukho kudla lapha ekhaya. Ibhokile inkemane

33. Imbuzi igudla iguma

– Kushiwo umuntu ofuna usizo kwabanye kodwa engaphumeli obala asho lokho afisa ukukuthola kulabo bantu

34. Imbila yaswela umsila umsila ngokulayezela

–  Uma uthanda ukuthumela noma ukwenzelwa ngeke ube nalutho empilweni.

35. Ibuzi laziwa umlaleli

– Ukuze wazi ngento ethile kumele uzihluphe ngaleyonto. Uma ungazihluphi ngeke uze wazi

36. Inyoka ayishaywa isibili ikhanda lingakabonwa

– Ungabokwenza into engase ibe yingozi kuwe. Ubobheka kuqala ukuthi abukho yini ubungozi.

37. Inhlwa ayibanjwa ngekhanda

Kuxwayiswa abathanda ukugagamela izinto

38. Akujojo owamila isisila wabonakala

– Umuntu owenza okuhle akuvamile ukuba anconywe ngemisebenzi yakhe emihle. Abantu bayishaya indiva imisebenzi yakhe emihle.

39. Umswane wembabala awungeniswa ekhaya

– Lesi saga sisetshenziswa kakhulu uma kuayalwa insizwa eganwayo. Sichaza ukuthi ungaziletheli into engase ibe yinkinga kuwe

40.Ithi ingangcuthuka isisila ihlekwe

– Umuntu omi kahle uye ahlekwe uma esehlupheka noma izinto sezingasamhambeli kahle

41. Ithi ihamba idle idaka

– Umuntu uyahlupheka ekuhambeni , uma eselambile udla nanoma yini ayinikwayo

42. Akungwe ingenabala elimnyama

– Noma umuntu engaba muhle kanjani kodwa unaso isici esibonwa nguye wonke umuntu. Kubuye kuthiwe ‘ Akusoka lingenasici”

43. Uxamu uthukela esizibeni

– Lesi saga sitshenziswa makuphuzwa utshwala. Phuza ngamandla wethu kungaze kufike abanye

44. Akunsimba yazuza ibuzi ngokuhlala

– Ngeke uthole lutho ngokuhlala nje ungenzi lutho. Kudingeka kubenento oyenzayo ukuze uphumelele.

45. Wakhahlelwa yiHhashi esifubeni

– Uyahluka ukugcina imfihlo

46. Inkomo enomlomo ayinamasi

– Umuntu owande kakhulu ngomlomo ezincoma ngalokhu nalokhuya uvama ukuba yisahluleki

47 . Inhloko idlelwa ebandla

– Uma unenkinga kuyaye kube kuhle ukina leyo nkinga yakho uyethule kwabanye kuxoxwe ngayo, kutholwe isixazululo. Kubuye kuthiwe ” Injobo enhle ithungelwa ebandla”

48. Enethunga kayisengeli phansi

– Akulungile ukuthi umuntu enento ethile bese leyonto ithathwe ngabanye abantu bazisebenzisele yena asale ehlupheka.

49. Umbala uchacha enkonyaneni

– Kulula ukuba ukuthi ingane izalwa ngabazali abanjani uma ulandela ukuziphatha kwayo.

50. Uchakide uhlolile imamba yalukile

– Akukho muntu oqaphile. Ngakho- ke abasele bayazenzela nje , bazenzela umathanda .

51. Ithole likhula namafutha alo

– Ingane ikhula nezenzo zayo. Kungaba ngezimbi noma ngezinhle

52. Imfene igijima emini

– Kusuke kukhulunywa ngendawo lapho kwande khona abathakathi

53. Inzimakazi izala ilungakazi

– Kuyenzeka umzali azale izingane kodwa lezo zingane zingamfuzi ngezenzo

54. Kubaleka ehlatshwayo

– Uma umuntu ezithola esengozini kudingeka enze imizamo yokusindisa impilo yakhe.

55. Inkomo isengwa ngoyaziyo

– Ukuze into eyenziwayo ilunge kudingeka yenziwe ngoyaziyo ukuze isheshe ilunge.

56.Inkomo enhle ilala ehlangeni

– Umuntu uyayejwayela indawo lapho aye afike athole kuyo ukuphatheka kahle,ahlale kamnandi , anethezeke.

57.Inkomazi ithotshwa ingakazali

– Izinto masenziwe isikhathi sisekhona,sisavuma

58. Ithi ingadla ithambo yejwayele

– Uma uyajwayela lapho aye athole khoma usizo. Njalo uma edinga usizo uye angesabi ukubuyela ayocela olunye usizo.

59. Ayikhonkothi nethambo

– Uma kuphuzwa utshwala akukuhle ukuba umuntu athathe ukhamba aluphakamise bese equbeka nenkulumo ukhamba kusezandleni

60. Inkunzi iyazibeka

– Izenzo ezinhle zomuntu osemncane ezinhle yizona ezimenza abengumuntu ohloniphekile ,athandeke emphakathini

61. Uchakide usiheha ngesibhelu isikhukhukazi

–  Ukuze uthole okuhle komunye umuntu kudingeka ukuba nawe umenzele ukuhle lowo muntu  ukuze naye akunike okuhle.

62. Zibanjwa zisemaphuphu

– Ingane iyalwa isencane

IZAGA EZIPHATHELENE NEZITSHALO NEMITHI:

1. Umzungulu ubopha womili

– Ungamedeleli umuntu ngoba umbona ebuthakathaka engenawo amandla

2. Awumbiwa ndawonye

– Amasu namaqhinga okwenza into eyodwa awefani .

3 . Ameva ayabangulana

– Abantu bayasizana . Omunye uthola usizo komunye ,omunye naye aluthole komunye . Kubuye kuthiwa ” Izandla ziyagezana”

4 . Umuthi ugotshwa usemanzi

– Ingane kudingeka ifundiswe ukuziphatha kahle isencane ukuze ingabi umdlwembe uma isikhulile. Siyefana nesithi “Zibanjwa zisemaphuphu”

5. Umthente uhlaba usamila

– Ingane ikhombisa izimpawu zalokho eyoba yikhona isakhula nje ,isencane

6. Amathanga ahlanzela abanganemabhodwe

–  Kuyenzeka ukuthi umuntu abe nenhlanhla yokuthula izinto ezinhle kodwa yena engazihluphi ngazo lezo zinto .

7. Liwashaya evuthiwe

– Kuyenzeka ukuthi into eyenziwayo ivele yonakale nje ekugcineni ,abantu sebethembile ukuthi isiyalunga.

8 . Induku eqinile imila esiweni

– Into enosizo itholakala kanzima . Ngeke uyithole kalula nje

9. Inkovu iphuma ethangeni

– Ingane iye ifuze abazali bayo ngokwenza izinto

10. Umvunisi ubuya nengqobe

– Ungangeni ezinkulumeni zabantu ngoba ngokwenze njalo ungazithola sewusenkingeni

11. Umthathe uzala umlotha

– Umuntu ohloniphikile ,onemisebenzi encomekayo kuyenzeka azale ingane engumdlwembe ,futhi eyisahluleki

12. Insema isimi ngokhande

– Kushiwo umuntu osehlulekile kulokho akade ekwenza . Kwesinye isikhathi kusho ukuthi usedalulekile , lokho abekwenza sekubonwa yinoma ubani.

13. Ibele lendlela kalivuthwa

– Umuntu ohlala eohazanyiswa kulokho akwenzayo akabi nayo impumelelo.

14. Kalathenjwa ikhaba

– Uma wenza into ethile ungakhohliswa izimpawu zokuthi isiyalunga. Kungenzeka yonakale ekugcineni

15. Uthanga luhamba ngomnyombo walo

– Ngabantu bozalo lwalowo mndeni okufanele bakhulume , badingide izindaba zomndeni .Ngokunjalo ifa nefa lidliwa ngabozalo lwalowo mndeni

16. Imbewu ihlalela ihlanga layo

– Uma kukhona okudinga okwenziwa,lokho akwenziwe ngisikhathi sakho.

17. Kubhulwa olwakwasilima uphoko

– Umuntu uzithulele nobukeka edelelekile abantu bayaye bazenzele umathanda kuye

18. Isihlahla sifa nezimpande zaso

– Kuvamile ukuthi uma umuntu esefa konke okwakhe kusale kumlandela.

19. Inhlwanyelo ithekelwa kubangane

– Uma udinga usizo lucele kubangane, izihlobo noma kulabo abawusiso kuwe

20. Kufa khaba kufe mqumbi

– Ukufa akukhethi. Kuthatha abadala kuthathe nabancane

21. Injalo iphuma edunjini

– Ingane iyamfuza umzali wayo.

22. Kugawulwa owaziwayo

– Umuntu owaziwayo nophumelele emphakathini abantu bayaye bamfele umona . Abanye bafise nokumlimaza

 

 

 

IZAGA EZIPHATHELENE NAMASHWA:

-(Isaga)

*(Incazelo)

-Ngadla ulovu, ngadla inkomo yasoDwini.

* Lesi saga sichaza isimo somuntu ozifake enkingeni enkulu engaqondile.

-Ukubona kanye ukubona kabili

*Uma sihunyushelwa esiNgisini sithi ‘ Once beaten twice shy”

Umuntu uma eseke wavelelwa ngunswazi ,uyexwaya. Kubuye kuthiwe ‘Lixhoshwa kanye lesabe”

– Ukuhamba kuzala induna kuzale insikazi

* Ngeke usazi isimo esiyokuvelela ohambeni , kungenzeka kube wokuhle, kokunye kube wokubi.

-Kuyoqhuma nhlamvana ,ezinye ziyofekela

*Uma umuntu enezinhlelo ezinye ziyaphumelela , kodwa ezinye ziyabhutsha.

-Imvu ibulala uNdlovu

*Kuchaza isehlakalo esimgakholeki, futhi esingandile

-Inhlanzi ishelwe ngamanzi

* Uvelelwe yishwa elikhulu kwaphela wonke amaqhinga. Inhlanzi ayikwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi

Tags:
About Author: NondliniAdmin