IZAGA: Eziphathelene nobuqili
-(Isaga)
*(Incazelo)
-Akukho qili lazikhotha emhlane
*Ungaqhubeka nobuqili bakho kodwa ngelinye ilanga kuyokubhedela, uyobanjwa
-Hamba juba bayocutha phambili
*Incazelo yaso icishe ifane neyalesi esingenhla, hamba bayokubona amanamehlo phambili
-Phika Mphezeni icala lingumphikwa
* Noma umuntu onile ,kodwa uqala ngokuphika ethi uyazisindisa. U-Mphezeni ka Gala ka Nodada wayengowakwaBiyela. Nguyena yedwa owayazi lapho kwakubhace khona iSilo u-Cetshwayo emahlathini aseNkandla. Kwakuthi uma abamhlophe bemubuza aphike alale ngomhlane athi akazi lutho yena.
-Kakucala laswela izaba
-Incazelo yaso iyefana neyalesi esingenhla. Umuntu othi onile kodwa azame izaba ukuzithethelela azisimdise
Amaqili kalali ndlininye
*Amaqili kawathandani futhi kawethembani. Azisondeza kulabo azobawaka kahle.
Kubuye kuthiwe” Amaqili kawathengani , noma “Amaqili kawakhelani”
-Yiqili elintethe zosiwa muva
* Uthanda okwabanye kodwa okwakhe uyakugodla. Njengomfana ofuna kosiwe izintethe zabanye kodwa ezakhe azigodle
-Iqili lidliwa ngamanye Amaqili
* Kuchaza ukuthi noma umuntu eseliqili elingakanani kodwa akhona amanye amaqili angaphezu kwakhe.
-Kakucala laswela izaba
* Umuntu uthi onile kodwa azame izaba ukuzithethelela azisindise
-Umlomo yisihlangu sokuzivikela
* Umuntu uzivikela ngomlomo lapho esezinkingeni. Kubuye kuthiwe “Umlobo yishoba lokuziphungela”
-Iyakudlana intengo yamaqili
* Lapho kuhlangene amaqili ungabosheshe usho ukuthi koqhuma mkhuba muni
-Umlomo kawushaywa
*Umlomo ukhuluma yonke into , enhle nembi, kayikho indlela yokuwuvimba. Kubuye kuthiwe “Umlomo kawakhelwa hlahla”
-Ameva ayabangulana
* Ukufa kukhishwa ngokunye ukufa. Uma ufuna ukubamba iqili , qonda kwelinye iqili likubambele
#Khumu!