Umlando ngoNdunankulu u-Masiphula ka Mamba Ntshangase

UPhumlani Ntshangase,uMdlali weBhola

U-Masiphula ka Mamba wayengowakwaNtshangase isibongo , wayeyiQhawe leNgonyama u-Dungane kanye neNgonyama u-Mpande . Abantu bakwaNtshangase babeyingxenye yabantu bakwaZulu, empeleni abakhona impela kwaZulu futhi akufanele baganiselane. Laba bantu bakwaNtshangase bakanye nabakwaBiyela. Baphuma esendeni leNkosi u-Ndaba ka Phunga waseGazini/eMgazini. Umuzi waseGazini kwakungu-Muzi weNkosi u-Ndaba lapho eyayihlabela khona imfuyo ikakhulukazi izinkomo uma kunomcimbi omkhulu wesizwe . IGazi lalengewona umuzi omkhulu, umuzi omkhulu kwakuseMqekwini. Kuhambe kwabamba kwagcina kuqubuke ingxabano phakathi kwezinsizwa zaseMqekwini kanye nezaseGazini . Indodana endala yaseGazini kwakungu-Xhoko ka Ndaba okuphuma kuye abakwaBiyela. Kuthiwa imbangela yengxabano kwaba wukuthi izinsizwa zaseMqekwini zaseziwale umkhuba omubi wokweshela izintombi zaseGazini . Yaqala kanjalo-ke ingxabano imiphumela yayo eyaba ukuvela kwesibongo sakwaBiyela kanye nesakwaNtshangase. Ukhokho wabantu bakwaNtshangase ngu-Mntwana u-Shwankeni ka Ndaba wase Gazini, kanti owabantu bakwaBiyela ngu-Mntwana u-Xhoko ka Ndaba waseGazini. UMntwana u-Shwankeni kuthiwa wazala u-Ntopho owayebuye aziwe ngelika Sidinane, u-Sidinane yena uzele u-Mamba ozele u-Masiphula esixoxa ngaye . U-Ntopho wabuye wazala elinye iQhawe elahlabana kakhulu ezimpini zeLembe , lelo Qhawe ngu-Hlathi esisazobuye sixoxe ngaye . U-Masiphula ka Mamba wayeQhawe elikhulu leSilo u-Dingane ephinde abe yi-Nceku yaso eMgungundlovu. Kwathi ngenkathi kukwa eyaseMaqonqo u-Masiphula , u-Manyosi Mbatha kanye nabanye bagqisha noMntwana u-Mpande okunguyena owagcina edle umhlamganiso. Impi yaseMaqonqo yabe iphakathi kweSilo u-Dingane kanye Mntwana u-Mpande . Kwathi ngesikhathi iSilo u-Mpande sesihlezi esihlalweni saqoka u-Mbilini ka Cungeya waBaThethwa njengoNdunankulu waso . Kodwa ngeshwa washesha washona ngemuva kokuphuza utshwala okwasoleka ukuthi babuthelwe ushevu. Ngemuva kokushona kuka Mbilini iSilo u-Mpande saqoka u-Masiphula ka Mamba njengo Ndunankulu omusha . UNdunankulu ubizwa ngokuthi u-Prime Minister ngesilungu. Isihlalo sikaNdunankulu yilesi namuhla esifana nesikaBaba u-Shenge wakwaPhindangene. UNdunankulu weSilo u-Dingane kwakungu-Ndlela ka Sompisi Ntuli owafa ebulawa yisona iSilo ngemuva kwempi yaseMaqonqo. Kwathi ngenkathi kuzola impi yaBaNtwana nokuseyimpi eyodwa nempi yaseNdondakusuka uNdunankulu u-Masiphula wachema noMntwana u-Cetshwayo nokunguyena owagcina edle umhlamganiso. Impi yaseNdondakusuka yabe iphakathi kwaBaNtwana oMbuyazwe kanye noCetshwayo. Ingakabheduki impi iSilo u-Mpande sasicabanga ukuthi uNdunankulu u-Masiphula wayezochema noMntwana u-Mbuyazwe. Kodwa uNdunankulu Kuthiwa iSilo u-Mpande sathumela iNceku yaso u-Mfuleni Dladla ukuba iyotshela uNdunankulu u-Masiphula ukuba atshele abantu ukuba beseke uMntwana u-Mbuyazwe . Kuthiwa u-Masiphula wabuza u-Mfuleni Dladla ukuthi ‘akaboni yini ukuthi abantu abaningi beseka uSuthu?’ . Kuthiwa naye wathumela esakhe isigijimi uNtobolongwana ka Mshwayibana Shezi ukuthi afafaze izindaba kubantu ezazithi abantu kudingeka beseke uSuthu, watshela noMfuleni Dladla ukuthi kuhle atshele izinsizwa ukuthi zeseke uSuthu hhayi iZigqoza. Ngempela u-Mfuleni walifafaza naye izwi wayotshela oMaqondo Magwaza , uMathunjana Nkwanyana nabanye ukuba beseke uSuthu. IZigqoza kwabe kungabalandeli bakaMntwana u-Mbuyazwe, uSuthu kwakungabalandeli boMntwana u-Cetshwayo. USuthu lwawudla umhlanganiso kuleyo mpi .

Kwathi ngowe 1873 ku-Ncwaba wakhothama uMfoka Mamba, wakhoma kusele izinsuku ezimbalwa ukuba kubekwe iSilo u-Cetshwayo esihlalweni sobuNgonyama. ISilo u-Cetshwayo sabekwa esihlalweni sobuNgonyama mhla lulunye ku-Mandulo ngawo owe 1873 . Kuthiwa u-Masiphula washonela kwaNodwengu ngemuva kokuba ephuze utshwala okusolwa ukuthi babufakwe ushevu, kuthiwa wafela khona lapho. u-Masiphula washiya iNdlalifa yakhe u-Zikode owayebuthelwe ku-Mxhapho nokuyibutho lapho kwakukhona khona noMntwana u-Zibhebhu ka Maphitha Zulu. U-Zikode ka Masiphula wasala eNkundleni mhla uMntwana u-Zibhebhu eshobocisa oNdini ngowe Ntulikazi 1883 . UNdunankulu weSilo u-Cetshwayo kwaba ngu-Mnyamana ka Ngqengelele Buthelezi, oweSilo u-Dinuzulu kwaba ngu-Mankulumana ka Somaphunga Ndwandwe.

Izibongo zika-Masiphula ka Mamba

UBhubhu yandaba, namuhla kungendaba!
UMdilimba wendwengula
UMahamule ka Mlomo!
UMahamule kangitshelenga ngibaleke
Nami bengizobaleka!

UNomandindi wemilambo
UNkomo zavus’imzil’emdala
Ukudla kunamandla kunamaHemulekazi
Ngoba zavus”eyakwaMagonondo
Zavus’ekaNdungunya noSomhlola
UNkomo kazidlelani nezakwaMathe

Oze noMgidla ezalwa uSobhuza eSwazini
Weza noThekwane ezalwa uSobhuza eSwazini
Weza noMalambule ezalwa uSobhuza eSwazini!

#Ibinda ! INkosi ayiqedwa !

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo