Incazelo ngezitho zenkomo uma kuhlatshiwe ekhaya (ezangaphandle)

Izitho zenkomo uma kuhlatshiwe ekhaya(ezangaphandle)

-Isitho

*Incazelo

-Ibele

* Isitho inkonyane encela kuso. Lesi sitho uma kuhlatshiwe sidliwa ngoMame.

-Ubebebe

* Udebe lwenkomo lolu. Ubebebe udliwa ngamanumzane asebekhulile. Kunenkolelo ethi uma udliwa ngabafana bayozala izingane ezilekezelisa imilomo

-Ikhala

*Isitho inkomo ephefumula ngaso. Sidliwa ngabafana.

-Ulimi

*Isitho esisemlonyeni wenkomo inkomo ekhotha ngaso. Ulimi ludliwa nguMnumzane

-Inhloko

* Lesi sitho sisho ukhanda lunezimpondo , namadlebe kanye nakhala namehlo neminlathi.

Inhloko idliwa yizinsizwa ,ziyidlela esibayeni maqede zigiye ziqephuze sezikhombisa ukubonga kwazo.

-Isixhanti

* Isixhanti sikanye nelunda, sehlukana nenhloko. Inhloko inqanyulwa lapho kuphela khona intamo. Duze nje -ke lesi sitho esisalayo yisixhanti.

Isixhanti sidliwa ngabanumzane , besidlela endlini.

-Ilunda

* Ilunda lingemuva kwesixhanti.

Ilunda lidliwa yinkosazana yaleyo ndlu eqondene nenkomo le esuke ihlatshiwe.

-Intamo

* Intamo ixhuma ikhanda , inhloko nesixhanti. Inde ingangengalo yomuntu.

Intamo idliwa kanye nenhloko esibayeni.

-Amanqina

* Yizinselo inkomo eyathela ngazo kuze kushaye emadolweni. Amanqina adliwa ngoMame kanye nesinqe

-Idevu

* . Lisemlonyeni wenkomo. Lidliwa ngabafana.

-Ugalu

*Lesi sitho emlenzeni. Kuyaye kuthi kunqanyulwa inqina ngezansi kwedolo kusale ugalu(ithambo) uye ukhawule ngethambo ngelifiphi. Ugalu mude ungangokusuka enqololwaneni kuye esandleni

Ugalu udliwa ngumuntu ophekile. Lena yinyama anikwa yona , uma ethanda ayidlele emzini wakhe, ahambe nayo khona isiphekiwe

-Icwiyo

* Ingxenye yenyama yekhethelo esikelwa umnumzane lapho entshontshelwa , enikezwa amantshontsho kade ehlinza. Isikwa nomaphi le nyama okuthiwa ngeyecwiyo, kodwa ikakhulukazi kwebomvu

-Isinqe

* Kuphuma umlenze kusale isinqe . Isinqe sibuye sibizwe ngenyama yeqolo. Sidliwa ngoMame kanye namanqina

-Ithebe

* Ithambo lesinqe lokuhlala. Lesi sitho sidliwa ikakhulu ngoMame

-Umlenze

* Umlenze wehlukanisa kugalu kuye kushaye enyongeni. Umlenze udliwa ngoMame . Umlenze uyavela ezibongweni zeNkosi yabakwaKhumalo u-Mzilikazi ka Mashobana uma kuthiwa ‘wena owala ukudla umlenze wakwaBulawayo wathi umlenze wankomoni lowo ubungekho yini owezinkomo zakithi eNgome’ . Lezi zihasho zakheka ngenkathi iNkosi u-Shaka ithumele izithunywa zayo eNkosini u-Mzilikazi ukuba ziyolanda izinkomo ezazigodlwe yi-Nkosi u-Mzilikazi . Lezo zazidliwe yi-Nkosi u-Mzilikazi kubeSuthu abangaTlokwa baseNtabazwe ithunywe yi-Lembe. Kuthiwa iLembe izithunywa zalo lazinika umlenze wenkomo ukuba ziyowunika iNkosi u-Mzilikazi. Leso senzo seLembe sabe siyihlamba eNkosini yabakwaKhumalo, ngoba kwabe kuwuyibiza ngeNina ngoba phela umlenze awudliwa izinsizwa kepha udliwa ngamaNina. Kuthiwa nayo iNkosi u-Mzilikazi yahlaba eyayo inkomo eSibayeni sayo yabe seyisika umlenze waleyo nkomo yawunika zona lezo zithunywa zeLembe yathi aziyonika iNkosi yazo kanye nalowo ezabe zize nawo . Okusho ukuthi leyo kwabe kuyindlela yokuphindisela leyo nhlamba emuva lapho yayivela ngakhona.

-Umgogodla

* Uhlaka lomhlane oluxhume izimbambo. Umgogodla udliwa izinsizwa, uphekwa nenhloko. Kwesinye isikhathi unqanyulwa izigampu untshontshelwe abakade behlinza

-Izimbambo

*Zisemhlubulweni zisuka emgogodleni ziphelele esiswini. Izimbambo eqinisweni kazikhethe hlobo lwamuntu. Kodwa isikhathi esiningi ziphekwa Kanye nomhlubulo odliwa ngoMame.

-Umhlubulo

* Usemaceleni. Emhlubulweni kuphuma insonyama nomkhele kanye nezimbambo

-Umkhele

* Umkhele uyinyama ebomvu ephuma emhlubulweni. Usikwa wenziwe umdweshu oyiminwe emine ububanzi uma inkomo inkulu. Uphuma emihlubulweni yomibili, ingaphandle linezimbambo.

Umkhele udliwa ngabanumzane, uphekwa kanye nensonyama

-Umkhono

* Ususwa ngasekupheleni komhlubulo, ngenhla emahlombe kuye kushaye edolweni

Udliwa ngabanumzane, phekwa kanye nensonyama

-Insonyama

* Iphuma emhlubulweni. Ihlinzwa isuswe lapho kuphela khona izimbambo, usukhishiwe umkhono. Lena inyama eyisicubu eze izofika emlenzeni, bese inqanyulwa. Le nyama isemihlubulweni yomibili, ikhishwa ndawo zombili. Idliwa ngabanumzane

-Amaguma

* Ayizimbambo zesifuba sezahlukanisiwe esifubeni esesiphekiwe. Adliwa ngabanumzane

-Ungiklane

*Ungiklane ubuye ubizwe ngeNqikla. Lapho bekubambelele khona amaguma esifubeni kusala ithambo likangiklane. Lide lingamaSentimitha angama 60 kwehluke ngezinkomo-ke

Ungiklane udliwa ngoMame kanye nesifuba

-Isifuba

* Sihlahlwa sihlakaniswe nomhlubulo nezimbambo. Isifuba sinamathambo ahlukaniswayo lapho umhlinzi esikhipha. Abizwa ngokuthi ngamaguma

Isifuba sidliwa ngoMame

-Isiphanga

* Yinyama yehlombe lenkomo ngenhla komkhono

Isiphanga sosiwa izinsizwa esibayeni.

-Amantshontsho

*Lawa ngamaqashana enyama ebomvu okubongwa ngayo abahlinzi. Isikwa emzimbeni wenkomo lapho ihlinzwa bese inikwa abakade behlinza bayichome ezintini bahambe nayo emakhaya. Abanumzane abahloniphekile bayiphathelwa izingane zakulowo muzi obekuhlinzwa kuwo.

-Umhlathi

*Isitho esisukela emlonyeni kuya endlebeni

Sidliwa izinsizwa zikhiphe isibankwa . Isibankwa umnkantsha ophuma emhlathini emva kokuba kade uthothombaliswe emlilweni

-Inyama yamehlo

* Le nyama ihamba nokhanda . Ivamise ukuphiwa abafana esibayeni lapho amadoda edla inhloko.

-Uqwanga

*Yinyama esamsipha enamathele emathanjeni

Idliwa inoma ngubani

-Umsila

* Le nyama ihamba nesinqe. Idliwa ngabantu abadala. Kwesinye isikhathi umsila uyabekwa lapho kuhlatshiwe uze udliwe ekugcineni mhla sekudliwa amanqina, noma isifuba esidliwa ngabasekhaya

-Isikhaba

* Isibele seduna. Singezansi kwenkaba. Sidliwa yizintombi

#Khumu!

 

 

Sharing is caring!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo