Unondlini

Uncategorized

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho

Umsebenzi wokubuyisa umuntu ongasekho Ngemuva kwesikhathi esingangonyaka noma iminyaka emibili umnumzane noma umama wekhaya eshonile, kwenziwa umsebenzi wokumbuyisa ngokosiko lwesintu. AmaZulu akholelwa ukuthi lapho kusuke kubekwe khona umuntu emathuneni usuke esagciniwe okwesikhashana ngaphambi kok... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMpi yaseMsebe

Umlando ngeMpi yaseMsebe Impi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi.Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela amalungu oS... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyandezulu(Spotted Bush Snake)

Incazelo ngeNyandezulu Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindwe ububaswe uMantshonga beGqelebana ngethemba nisaphila nina beSilo.Lolu hlobo enilubonayo lubizwa ngokuthi yiNyandezulu.Uhlobo lwenyoka olungenalo nhlobo ulakwa lolu.Futhi  lolu hlobo lwenyoka alunabo ubuthi,n... qhubeka ufunde »

Ukuzalwa wembethe ( An en caul birth \Being born in an amniotic sac )

Incazelo ngokuzalwa wembethe Esizweni sakwaNtu kunesimo lapho ingane izalwe igaxile. Kungaba eyakwaZulu, kwaXhosa, kwaNdebele kwaMthwakazi noma kwaNgwane. ‎Le ngane izalwa yembethe into esamhlwehlwe enamafutha, leyo ngane iyingane yenhlanhla.Le ngane iyigugu labaphansi. Le ngane idinga nje ukunake... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyathi  (Afican Buffalo\Cape Buffalo)

Nina abeNyathi ka Ndaba empondo zimakhenkenene,uQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo.UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana.INtulo ebande ngoDonga kwaBhekuzulu.ISilo sakithi eNaleni leso,iSilo uMdlokombane.Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu.Ngethemba basaphila.Nina beSi... qhubeka ufunde »

Umlando ngeMpi yaseTshaneni

Impi yaseTshaneni yabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama u-Mamonga woSuthu noMandlakazi ngaphansi koMntwana u-Zibhebhu Zulu . Le mpi siyangayichaza ngokuthi kwakuyimpi yokubuyisa izibduku ngoba iSilo u-Mamonga sasidinga ukujezisa uMntwana u-Zibhebhu ngayekwenze kuYise waso iSilo u-Cetshwayo ,... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBisi lweMbuzi   ( Bok Melk )

Nina abakaMandasithebeni lo onjengeNsonyama uNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! uSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu. #ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNodwengu . Enhla nasezansi ngethemba basa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngenyoni iLanda  ( Cattle egret)

Nina abakaVezi kofa abantu kosala izibongo yizona ezosala zibadabula yizona ezosala zibalilela amanxiweni! Isela lintongande lawoBaleka lithabathe uMshiza lawetshatha liyawugalela ngawo eMankenganeni! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe!! #ISilo uDingane leso, iSilo sakithi eM... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho enkosi uMzilikazi, yaBaThwakazi

1.Amagogo  Induna yaMagogo kwakunguMaqhekeni wakwaSithole . Leli butho uMaqhekeni wayeliqambe ngoyise uMagogo Sithole owasala empini yaseNtumbane ngenkathi kulwa uZulu naBaNtungwa ngaphansi kweNkosi uMzilikazi . UMaqhekeni wayegqishe neNkosi uMzilikazi . 2. Amatshetshe Induna yaMatshetshe kwakunguS... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo

Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo. Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.. Sonani esingoni lutho okwemihlambi yezinyamazane”… **Endulo abantu b... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!