Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngoNqoboka kaLanga wakwaSokhulu

Umlando ngoNqoboka kaLanga wakwaSokhulu   . UNqoboka kaLanga wayeyiqhawe elikhulu futhi engumngane womkhulu weSilo sakwaDukuza iSilo uShaka kaSenzangakhona . Lezi nsizwa ezimbili zazikhule ndawonye kwaMthethwa ,ziphekwa iNkosi yaBathethwa iNkosi uDingiswayo kaJobe Mthethwa .    UNqoboka wayengumshana oYengweni , wayezalwa intombi yakhona oYengweni eyayizalwa iNkosi uJobe kaKhayi Mthethwa ingudadewabo weNkosi uDingiswayo . Ngamanye amazwi uNqoboka wayenguMshana weNkosi iDingiswayo. UNqoboka wakhulela kwaMthethwa ngoba nguyena okwakulindeleke ukuba athathe ubukhosi bakwaSokhulu ngemuva kokuk... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseMsebe

Umlando ngempi yaseMsebeImpi yaseMsebe yaliwa ngoNdasa mhla zingama29 ngowe 1883.  Lempi yaseMsebe yayiphakathi koSuthu noMandlakazi . Isizathu esabangela ukuba kugcine kuthathelwane izikhali wukuthi uMntwana uZibhebhu owayehola uMandlakazi ngaleso sikhathi wayelokhu eqhubeke njalo ehlasela ama... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseMaqonqo(Masingana 1840)

Impi yaseMaqonqo (Masingana 1840)Impi yaseMaqonqo eyabe iphakathi kukaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingana kanye noMntwana uMpande kaSenzangakhona yalwa ngoMasingana onyakeni ka 1840 kuphele unyaka nezinyana kuliwe eyaseNcome , eyalwa ngoZibandlela onyakeni ka 1838. AMaqonqo yizintaba ezimbili ezibhe... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseNdondakusuka(2 Zibandlela 1856)

Impi yase Ndondakusuka ebuye yaziwe ngokuthi yiMpiyabantwana yabe iphakathi kwaBantwana oCetshwayo noMbuyazwe bakaMpande . Lempi yayiqhathwe ngaMankisimane oMantsonga [Captain J Welmsely] kanye noGqelebana [uMfundisi EF Rathbone] . UMantshonga wabe eyinduna yamabutho eKoloni yaseNatali ayeqhaphe umn... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!