Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeCishamlilo(Pentanisia prunelloides)

Nina bakaKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni , iNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba ! Enhla nazansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha,thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le Nduku eniyibona esithombeni kuthiwa yiCishamlilo igama layo lesiZulu. IRubuxa noma yiCishamlilo ngesiXhosa. Ka se Sohto bare ke Setima mollo, kapa Khathoane . NgesiBhunu le Nduku ibizwa ngeSooibrandbossie , OSosayensi bayibiza ngePentanisia prunelloides. ICishamlilo liyahluka ngeziMbali, kukhona eliqhakaza imbali emhlophe , ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMthombo

Nina abakaMakhalima akhande njengezulu lona limakhalima limandindizela! USomnandi ka Ndaba woza ngoza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina abeSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi , ngethemba isaphila yonke iNgabade. Cha, sisaphila thina eMantungweni. Lo muthi eniwu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

Nina abakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya! Nina beSilo ngiyabingelela sesizogoba izinkophe . Lesi silwane enisibona esithombeni sibizwa ngeSinkwe ngesiZulu, ngesiNgisi kuthiwa i-Bush baby . NgesiNdebele saseZimbabwe sibizwa ngeMpukunyoni. ISinkwe siyilisilwane esingabonakal... qhubeka ufunde »

UFoshela (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Ngethemba nisaphila nina beSILO. Nanso-ke iNduku yoBulomo ,iNkunzimalanga lena ngiokwakha uBulomo. Ifana noBuvimbo. Lana uyathandeka izintombi zikwethwale ngeQoma. Iyalwak... qhubeka ufunde »

IGwalagwala (Purple crested turaco)

  Nina abakaGuqabadele iNhlambamasoka! IGwalagwala likaMenzi elisuk”eNtumeni kwabhej”iNdulinde kwaya kwabhej”iShowe kwaze kwaya kwabhej”uLwandle noThukela!! UThambekeka wena owaliwayo uThambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi !! Ngethemba bayaphila abeZulu eliphezulu! Nalo-ke iGwalagw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDlutshana (uDlutshani,Afroaster hispida)

Nina bakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi, kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe. UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! UNomakhwelo iNgonyama uHlanya olwesemehlweni amadoda! Ngiyayibingelela iNgabade enhla nasezansi... qhubeka ufunde »

UHlunguhlungu lweNtaba (UHlunguhlungu olumhlophe)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana ngangezinyembezi! #ISilo uCetshwayo leso! Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni . *Nalo-le uHlunguhlungu lweNtaba nina beSilo , izimpande zalo zi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgwavuma (Prunus africana)

INgwavuma (Prunus africana) Nina bakaSobathintele wakithi eMgungundlovu , uFipha luyiNdlovu enamanxeba! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo ! INdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga (amaBhunu ka Pretorious) . Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade ngeth... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNgobamakhosi (Olinia Ventosa)  

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMphangela langa lingakaphumi kwaNdunu! Lithe liphuma laliphuma nezingazi zamadoda! Lazithatha izihlangu zikaMandlakazi! #uMamonga lowo!ISilo sakithi oSuthu.  Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba basaphila kuzo zonke izindawo lapho benkanise khona. Thina s... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!