Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMkhaya  ( Senegalia burkei  \Acacia burkei , Mokgwa )

Nina abeSilo sakithi eMgungundlovu uMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye iMpi yakhe , iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! #ISilo uDingane leso! Enhla nasezansi ngiyayibingela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo , cha , sisaphila thina eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMkhaya igama layo . Inameva ahlaba kabuhlungu , abuya ngokuzolala. Le Nduku iyakhula impela nina beSilo ilingane nemithi efana noSakhayedwa(uMkhamba) , uMkhanyakude kanye nezinye.Kanti vele isemndeni owodwa nalezi zihlahla ezif... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMabusane(Capparis tomentosa

  Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya, iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kungu mhla weshumi nesikhombisa kuMeyi(Nhla... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMphamephuce  ( Aspilia natalensis ) 

Nina abakaNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! USihlangu simagqabha sinamanxeba! #ISilo uMdlokombane leso! INtulo ebande ngodonda kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo . Cha, thina sisaphila eMantungweni . Nina beSilo le Nduku eni... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkanyezi yoLwandle (Sea Star \Starfish)

Nina abeNdlovu emnyama yakithi oNdini , ethe imuka babeyixokozelela ! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa uMalimade kwabamhlophe abeLungu! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha, thina sisaphila eMan... qhubeka ufunde »

Amagama ezinkanyezi

Nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa umdlebe! Endulo ayekade engekho amaWashi , ayengekho futhi namaKhalenda kodwa lokho akusho ukuthi oKhokho bethu babengakwazi ukubona uma sekuzokwethwasa iHlobo, uBusika , iKwindla njalo njalo. Enye yezindlela ababebona ngayo kwakuba yi-zinkany... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoBulawu uMoyawezwe\Gebera piloselloides\Mothuntsetso

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! Enhla nasezansi  ngiyababingelela abeZulu eliphezulu, ngethemba basaphila abeSilo kuwumhlaka wamashumi a... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!