Unondlini
Sikleza kogwansile

 

INkalane (Aloe vera)

Nina abaManda sithebeni lo  onjengeNsonyama ! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayolahla eziNkwazini zoThukeka ! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yiMhlambi yezinyamazane !! INkonyane ka Ndaba eyakhula beyizonda njengesiXhumu senyamazane!!#ISilo sakithi kwaNodwengu leso! ISilo uMpande ka Senzangakhona.. ##Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila . **Le Nduku eniyibonayo kuthiwa yiNkalane igama layo, nayo ingenye yeziNhlaba phecelezi ama-Aloe . Le Nduku kuhtiwa yi-Aloe vera ngesiLungu.. Yenzani iNkalane?... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMgojana ka Somaphunga Ndwandwe

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ake sibheke umlando ngoMgojana , indodana ka Somaphunga ka Zwide Ndwandwe…*Ngenkathi inkosi uZwide ka Langa inqotshwa yiMpi yeLembe eMpini okuhlawumbiselwa ukuba yalwa ngowe 1821, uSomaphunga wanquma ukuba azinikele eSilweni uShaka okuthiwa samemukela ngezandla ez... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSithwalambiza  (The Praying Mantis)

Nina beMbube eshoba liyisilikithi ngethemba nisaphila . Le silwane esincane enisibonayo sibizwa ngeSithwalambiza ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yi-Praying Mantis. Lesi silwane sibuye sibizwe ngoGogo ngoba abantu abansundu bakhulelwa ekutheni uma sike sabonakala ekhaya kusuke kuyiDlozi lo muntu wesifa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNhlaba enkulu  ( Aloe ferox)

Nina bakaSifuba singungu singungubele nyakana sibhobokayo umuntu uyakuziwa izindaba!! UMgwagwa wezulu!! UMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani? Lokhu sasiyokwenza amagudu okubhema!! UDlothovu kabhekeki ufana nemisebe yelanga!! #ISilo sakithi oSuthu leso , iSilo uDinuzulu ka Cetshwayo !!̷... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMkhwishamanzi     (Cormorant\uMphishamanzi)

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulindi ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!!#ISilo sakithi oNdini leso iSilo uCetshwayo ka Mpande .Enhla nasezansi ngibabingelela abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila*****************Le... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMakhosi aseBaThenjini, oJama kanye noNdina bakaMnisi:::

Uma kukhulunywa ngaBaThembu kusuke kukhulunywa ngabantu bakwaMthembu kanye nabakwaMvelase. AbakwaMthembu bayiNdlu enkulu yaBaThembu , kanti abakwaMvelase bona bayiNdlu encane . Ngasohlangothini lweNdlu encane yaBaThembu okungabakwaMvelase endulo  kwagqama kakhulu inkosi uNgoza ka Mkhubukeli , esesa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNgibonisele

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye , ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbul’amaGawu abebesi! UZulu lizayo khwezan’abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela ! IGwija likaMdlaka ligwegwe lij... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeButha

Nina abakaNowelamuva wawo Shaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu !! ISikhukhune sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukeka!#ISilo sakithi kwaNod... qhubeka ufunde »

Umlando ngeDolobha laseThohoyandou , eVenda

Nina beSilo ake ngiphose itshe eSivivaneni ngomlando weDolobha laseThohoyandou okuyiDolobha elitholakala eVenda , esingasho impela sithi yiyona Nhloko Dlolobha yaseVenda . Igama elithi ‘thoho ya Ndou lichaza ‘ ukuthi ‘ikhanda le Ndlovu ‘ ngesiZulu. Leli Dolobha laqanjwa ngeNkosi yabaVenda in... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMenembo

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela , iNkomo eyakhala khala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila!! #ISilo sakithi KwaDukuza leso , iSilo uShaka ka Senzangakhona. **Nina beSilo le Nduku eniyibonayo iwuhlobo lweNtuma olubizwa ngokuthi uMenembo . Kusebenza impa... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!