Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngoMuzi waseKuphakameni

Umuzi waseKuphakameni uyisisekelo sobuNazaretha wawakha uShembe emva kokuhlupheka okukhulu elala endle engenayo indawo lapho owayengaphumula khona nokubeka umthwalo phansi . UJehova wamnika wona ngaphambi kokuya kwakhe eNtabeni yaseNhlangakazi . Yabe ingakaziwa noma ikhona yini. Kwakungumsebenzi omkhulu kaNkulunkulu awenza kuShembe emva kokuhlupheka okukhulu owabe enakho ,eboshwa ngabeFundisi bamabandla bethi uphazamisa umsebenzi wabo emasontweni abawaphetheyo ,uthatha abantu babo. Kwathi ngolunye usuku kwahlabeka umfana wakwaGwacela eMzinyathi ebona ukulala ezintabeni kuka Shembe engena ezink... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoVumakubangoma omhlophe ( Synaptolepis kirkii )

Nina aboVemvane lukaPhunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyaluthinta luyahwaqabala  , lunjengoPhunga waseBulawini , lunjengoVumakubangoma !! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyofa uMdlebe kwaSoshangane! #ISilo uDinngane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyababinge... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNdabingehlele

Nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! IMamba yeVuna eyathi ukuvuka yadla abakaYise#ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini.  Nina beMbube le Nduku eniyibona esithombeni kuthiw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoFoshela ( (IKhambi lakwaNgcobo, Felicia erigeroides)

Nina bakaSingquma khuluma bakuz’umoya abasezitheni nabasemakhaya ! INkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo izona ezosala zibadabula , izona ezosala zibalilela amanxiweni! #ISilo sakithi eMgungundlovu leso , iSilo uDingane. Nina beSilo le Nduku ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoSondelangange

Nina abaka Zulu liyazayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela !! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! Inkomo eyakhala eMthonanjeni izizwe zonke zayizwa ukulila!!#ISilo sakithi kwaDukuza leso ,iSilo uShaka ka Senzangakhona….Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgab... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!