Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMavulakuvaliwe   (Yucca plants)

Nina abakaHlabahlungu bazoshumayezana , abasezitheni nabasemakhaya ! UShaka ngiyesaba ukuthi uShaka , uShaka kwakuyinkosi yaseMashobeni! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuzo zonke izindawo lapho inkanise khona, ngethemba isaphila. Cha, sisaphila thina eMantungweni. UMavulakuvaliwe: Nina beSilo nango-ke uMavulakuvaliwe . Le Nduku esemndeni wemithi ebizwa ngama-Yucca plants, okusewumndeni obandakanya imithi ifana noManzamhlophe, uHalibhuma njalo njalo . Nina beSilo ngezingxabu zale Nduku sivula konke okuvaliwe. Nomsebenzi siyaw... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoLimi lwenkomo  (Berkheya setifera)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo ,yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni…..#ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu.. Enhla nasezan... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDekane    ( Donca, Sesamum trilobum)

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye impi yakhe yakhe! UVemvane luka Phunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyalithinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! #ISilo uDingane leso .ISilo sakithi  eMgungu... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!