Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngeSinkwe (Bush Baby)

Nina beSikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha, saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela! Nanso-ke iSinkwe bakwethu, yisilwane lesi esizishaya iNkawu, siyagxuma naso , njengayo iNkawu. Siyakwazi ukugxuma sisuka kwesinye isihlahla ,siya kwesinye. NgesiLungu sibizwa ngeBush Baby ngoba uma sikhala ehlathini sikhalisa okwengane, ungafunga ukuthi kusuke kukhala umntwana. Lesi silwane sibizwa ngokuthi yi-Nagapie ngolimi lwesiBhunu, kuthiwa yi-Galaso ngolimi loSosayensi . NgesiNdebele sakwaMzilikazi kuthiwa yi-Mpukunyoni. Kuthiwa lesi silwane simitha izinsuku eziyi-khulu ,neshumi nambili(1... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNtolwane  ( Elephantorrhiza elephantina , Elephant root)

Nina abeSinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo!IGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela! #ISilo sakithi oNdini leso , iSilo uCetshwayo ka Mpande . ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoCalakalithethethwa (uNdodakayiphikiswa)

Nina abaka Somnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu, uMakhalima akhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela!ISikhukhulane sika Ndaba esikhukhule oMame sabetshwatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!! #ISilo uMpande leso ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMaphipha oyiNtelezi ( Albuca fastigiate)

Nina abeNzima eyiwukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! UGaga ngamanzi angawesi mlomo! Amanzi wodwa asale ababaze! UMlungu ongaphesheya komfula! Omunye ungaphgesheya kukaMpehlela noMaqhwakazi! UFipha luyiNdlovu enamanxeba ! #ISilo uDingane leso!!UVezi uMlamlela ngoba ulamulele abafazi n... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMshekisane  (Euclea crispa)

Nina abakaSimayedwa onjengeLanga lona limi lodwa eZulwini! UNowelamuva wawoShaka, uMdayi sabela kweliPhesheya uZalukazi zosala eManxiweni amaXhegu ayosala eMizileni! UMandasithebeni lo onjengeNsonyama!#Enhla nase zansi ngiyayibingelela iNgabade, sisaphila thina kwaSokhumalo. Nina beSilo lo muthi eni... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNsele  (Honey Badger)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlele! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UHlabahlungu bazoshumayena abasezitheni nabasemakhaya!!#ISilo sakithi KwaDukuza leso iSilo uShaka ka Senzanga... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKalimuzi ( Kalmoes ,Acorus Calamus)

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu!UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! #ISilo sakithi eNaleni leso, iSilo uMdlokombane ka Bhusha ka Nayifi..  Nina beSilo le Nduku  eniyibonayo ibizwa ngoKalimuzi ngesiZulu oku... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoQonsi   (Eriosema umtamvunense)

Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! USihlangu simagqabha sinamanxeba! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu!!#ISilo sakithi eNaleni leso iSilo uMdlokombane……Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basaphila abeS... qhubeka ufunde »

Umlando ngeLokishi lakwaMashu

Nina abakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! UDunjwa yedwa limkhandanisile! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma!#ISilo sakithi KwaDukuza leso. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo, ngethemba nisaphila nina beNgwazi . ….Nina beSilo ake sibheke umland... qhubeka ufunde »

Umlando ngeDolobha laseMkhondo (Piet Refief)

Nina bakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , iNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyofa uMdelebe!!#Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo ake sibheke umlando ngeDolobha laseMkhondo . EMkhondo Leli Dol... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!