Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoMkhondweni  ( Cryptocarya myrtifolia)

Nina abakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! UMlunguzi weziNgoje , iziNgoje zilunguzelane! USingqila nganhloko kuzond’intamo nyaka wumbe kuyozonda isibili! !#Inkosi uSenzangakhona leyo! Enhla nasezansi ngiyakhuleka kwabeSilo , ngethemba nisaphila nina bakaNdaba omuhle kakhulu. Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uMkhondweni igama layo . Yenzani le Nduku? Nina beSilo ngale Nduku sicija siphinde sivuselele amandla eSangomeni esesiphuphile , esingasashayi eMhlolweni , esibhula into engekho. Ixolo likaMkhondweni silithaka eMibhemisweni yokubhula, siye siliqhathe kakhulu noiB... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMkhithika Thebe

UMhlonga kaNkotshana Thebe wayebuye aziwe ngelikaMkhithika Thebe. Le nsizwa yayiqhawe elikhulu lenkosi u-Mzilikazi kaMashobana.  UMkhithika Thebe wabamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwesizwe sikaMthwakazi okuyisizwe esakhiwa yiNkosi uMzilikazi kaMashobana Khumalo. Nansiya isizwe eNingizimu yezwe la... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSomhlolo ka Mahlikivana Mathemba (Mkhwanazi)

Abantu bakwaMathema abatholakala ezweni laseZimbabwe basengabantu bakwaMkhwanazi . Iqhawe esilibona ligqama kakhulu kulengxenyana yesizwe saBaKhwanazi uSomhlolo ka Mahlikivana kaNomi . Kuthiwa laba bantu bakwaMathema isibongo sakwaMathema basithola ngesigameko thizeni ngenkathi besekanye nabanye aBa... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho enkosi uMzilikazi, yaBaThwakazi

1.Amagogo  Induna yaMagogo kwakunguMaqhekeni wakwaSithole . Leli butho uMaqhekeni wayeliqambe ngoyise uMagogo Sithole owasala empini yaseNtumbane ngenkathi kulwa uZulu naBaNtungwa ngaphansi kweNkosi uMzilikazi . UMaqhekeni wayegqishe neNkosi uMzilikazi . 2. Amatshetshe Induna yaMatshetshe kwakunguS... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDonda ka Gasa Khumalo

Enhla nasezansi ngiyababingelela abaseMantungweni kanye nesizwe sonke sikaZulu. Ake sibheke umlando wenkosi uDonda ka Gasa Khumalo. Eyayibongwa ngokuthi ingu”Kekela ka Ngobe ongenalo ulaka emuntwini ulaka lwakhe ukuncishana.. Sonani esingoni lutho okwemihlambi yezinyamazane”… **Endulo abantu b... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNtombazi

Enhla nasezansi ngiyababingelela abeZulu eliphezulu ,ngethemba nisaphila nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela . #ISilo uShaka leso. Nina beSilo ake sibheke umlando ngeNdlovukazi uNtombazi , ngamafuphi nje. Wayengubani uNtombazi UNtombazi nguyena owazala inkosi uZwi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMnyamathi   (uMathunzentaba \Ekebergia capensis)

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! INzima ewukwena koMkhumbane khona kwena kungafakwa lunyawo! #ISilo uDingane leso . Enhla nasezansi ngethemba nisaphila nina beSilo.**Le Nduku eniyibonayo kuthi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMahlangeni Khumalo,iMbongi yeSilo uCetshwayo. 

Ngokusho kukaSolwazi Maphalala uYise ka Mahlangeni kwakunguMagawozi ka Zikode .UMagazo wayebuye abe nguyise weNkosi uBheje , kanti uZikode yena wayebuye abe nguyise wenkosi uMashobana. UMahlangeni wayeyiMbongi yeSilo sasoNdini iSilo uCetshwayo kaMpande  . Wayebuthelwe ebuthweni laMawombe nokuyibuth... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNongila Mabaso

Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNongila Mabaso . Ababhali bangaphambilini abakuvezi ukuthi uNongila wayezalwa ubani uNongila. Abamvezi uBaba wakhe. UNongila eSandlwana wasebenza kakhulu njengenhloli enkulu kaZulu. Nguyena owayebheka yonke iminyakazo yamaNgisi bese eyobikela iSilo uJininindi (iSil... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMunga   (Acacia karoo)

Nina abeZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi!! ,,,,,,,,,,,,,,,,,,,,ISilo uCetshwayo leso , iSilo sakithi oNdini. Enhla nasezansi ngiyababingele... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!