Unondlini
Sikleza kogwansile

IZAGA: Eziqondene namagqubu nezisongo

IZAGA:Eziqondene namagqubu nezisongo -(Isaga) *(Incazelo) -Uyowukhomba umuzi onotshwala/Uyoyikhotha imbenge yomile *Uyobona kahle wena!! Imbenge isitsha esakhiwa ngelala, sincane kubeqoma -Lingawa licoshwe zinkukhu * Ngeke ukubone lokho. Noma ngeke kwenzeke lokho. Kusuke kufungwa -Uyokomela othini n... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nofuzo

IZAGA: Eziphathelene nofuzo -(Isaga) *(Incazelo) -Inzimakazi izala ilungakazi * Kuyenzeka ukuba izingane zingabafuzi abazali ngezimilo. Inzimakazi inkomo yensikazi emnyama bhuqe engenalo ibala, uma inebadlana ikakhulukazi elimhlophe kuthiwa ilungakazi -Ukhamba lufuze iMbiza *Umntwana ufuza abazali b... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nemibango

IZAGA: Eziphathelene nemibango -Umlando ubanjwa yinkume/Umlando ubanjwe yinkume *Kushiwo lapho izingxabano ebesezikade zedlula sezivuka phansi, sezivuswa izingane zalabo ababexabene -Kuyokweqana izibiba * Inkulumo eqondene nombango noma nokuphikisana njengezinsizwa nje zisukela intombi. Kusho ukuthi... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziphathelene nobuqili

IZAGA: Eziphathelene nobuqili -(Isaga) *(Incazelo) -Akukho qili lazikhotha emhlane *Ungaqhubeka nobuqili bakho kodwa ngelinye ilanga kuyokubhedela, uyobanjwa -Hamba juba bayocutha phambili *Incazelo yaso icishe ifane neyalesi esingenhla, hamba bayokubona amanamehlo phambili -Phika Mphezeni icala lin... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziphathelene nokwahluleka

IZAGA: Eziphathelene nokwahluleka -(Isaga) *(Incazelo) -Ithemba kalibulali * Inkulumo yomuntu odangele ngokwahluleka kwento abezithembise ngayo. -Amathe abuyele kwasifuba * Akasazi ukuthi uzothini, ngemuva kokuphoxeka. Kubuye kuthiwe ‘Inkukhu inqunywe umlomo, noma ‘Aphelile amankemfu(ama... qhubeka ufunde »

IZAGA: Eziqondene nobutha nokulwa

IZAGA:Eziqondene nobutha nokulwa -(Isaga) *Incazelo) -Uzowukhomba umuzi wonotshwala * Kusuke kusongwa ,noma kusengelwana -Zinkani zababili/ Kubambene ingwe nengonyama /Zindala zombili *Akwaziwa ukuthi ubani oyodla umhlanganiso ngoba amandla abo ayalingana, zindala zombili -Yinkukhu nempaka -Yizitha ... qhubeka ufunde »

IZAGA:Eziqondene nenhlanhla

IZAGA: Eziqondene nenhlanhla -(Isaga) *(Incazelo) -Ucilo uzishaye endukwini/Intendele iwe enkundleni * Kusuke kuvele inhlanhla ebikade ingalindelwe. KwaXhosa bathi ‘Ukuwelwa umqe(isitshwala/ipapa)esandleni’ -Zimbiwe yinsele yazishiya – Kushiwo izinyosi. Insele isilwane esimba iziny... qhubeka ufunde »

Umlando ngeButho u-Dloko

Umlanjwana omncanyana ngeButho u-Dloko IButho loDloko labuthwa yiNgonyama u-Mpande ka Sanzangakhona ngowe 1858, izinsizwa zeButho u-Dloko iningi lazo lalizalwe ngonyaka ka 1838, nango 1839 . UDloko uhlobo lwenyoka olunolaka kakhulu oluthi uma seluthukuthelisiwe luvimbe abantu bengabe besadlula lapho... qhubeka ufunde »

Incazelo ngezifo ezazixake oKhokho bethu endulo

Incazelo ngezifo ezazixake oKhokho bethu endulo #Kuloba u-Kholo Khumalo INxazonke Endulo babengakabikho oDokotela, oKhokho bethu babethembele olwazini lwabo ngemithi yesintu. Kulolo lwazi kwakuba khona ulwazi lokwelapha isifo uma sesingenile emzimbeni womuntu, kanye nolwazi lokugoma nesingakubiza ng... qhubeka ufunde »

Izinkolelo zabantu

Izinkolelo zabantu :- Kunezinkolelo abantu abanazo ngezinto ezisuke zenzeka ngesikhathi esithile emizimbeni yabo njengokuthi kusuke kukhona into ezokwenzeka, okungenzeka kube okuhle noma okubi. Lomkhuba abantu abaningi bakhule kuyizinkolelo ezazishiwo ngabantu abadala nabo bakholelwa ukuthi kuyenzek... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!