Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Umlando ngenkosi u-Ngwana Maseko

U-Ngwana Maseko *UNgwana kaKhubonye Maseko Abantu bakwaMaseko bangaMaThonga Nguni ngokwezigaba zabeNguni. Eminyakeni yama 1700  laba bantu bakwaMaseko ‎sibathola bezinze lapho sekuyiSwazini khona namuhla. Njengabo bonke abeNguni nabo babekade beqhamuke eNkabazwe yezwekazi laseAfrika. Ngenkathi kubusa iNgonyama uSobhuza eSwazini abantu bakwaMaseko babebuswa inkosi uNgwana wesithathu kaKhubonye kaNdlovu. UNgwana wakwaMaseko akahlobene noNgwane wakwaDlamini ukhokho weNgonyama uSobhuza. Imizi yenkosi uNgwana lll yayiminingi impela kodwa namuhla ngizothinta emithathu kuphela. Leyo mizi iMbab... qhubeka ufunde »

Umlando ngaMampondo

AMampondo AMampondo Isifundazwe saseMpumalanga Koloni saziwa njengesifundazwe saMaXhosa, eqinisweni isifundazwe saseMpumalanga Koloni sixube izizwe nezizwe, ezinye zalezo zizwe aziwona aMaXhosa ngokwendabuko. Izizwe ezingewona aMaXhosa yilezi ezilandelayo. EsaMampondo, esaMampondomise,esaMaHlubi, es... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNozishada kaMaqhoboza Nzuza

UNozishada kaMaqhoboza Nzuza UNozishada ka Maqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona . Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu .... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNdlovukazi uNomvimbi (uNina weSilo uDinuzulu)

INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvi... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlela kaSompisi Ntuli

UNdlela kaSompisi iqhawe lakwaNtuli UNdlela kaSompisi Uma kulandiswa ngomlando wakwaZulu alilibaleki igama likaNdlela kaSompisi Ntuli. Le nsizwa yakwaNtuli yabe iyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane . Yayibuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibitho elalimbandakanya uMntwana u-Senzangakhona ,u... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDingiswayo yaBathethwa

INkosi u-Dingiswayo kaJobe yaBaThethwa Inkosi u-Dingiswayo kaJobe Uma kulandiswa ngomlando wesizwe sakwaZulu awalibaleki nangephutha amagama amakhosi oDingiswayo noZwide kaLanga inkosi yabakwaNdwandwe. Inkosi u-Dingiswayo igama layo lokuzalwa kuthiwa nguGodongwana , elikaDingiswayo yalithola ngesiga... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMehlemakhulu ka Mpangazitha .

Umlando ngoMehlomakhulu kaMpangazitha HadebeUMehlomakhulu wayeyindodana endala kaMpangazitha,eyisokangqangi,engeyona indlalifa ngoba wayezalwe ekhohlo. Indlalifa kaMpangazitha kwakungu Sidinane owayemncane kakhulu kuMehlemakhulu. Kodwa waba yindlalifa ngesizathu sokuthi wayezalwa endlunkulu. Naye uM... qhubeka ufunde »

Incazelo ngesiko lokuKlekla

Incazelo ngeSiko lokuKlekla Isiko lokuKlakla(ukuchambuza)Uma sibuza kubantu abadala mayelana nokuqala kwaleli siko sithola izincazelo ezimbili. Eyokuqala incazelo ithi leli siko laqala ngesikhathi seNgonyama uShaka.Kuthiwa iLembe lathi lapho liyekisa abantu ukusoka lasungula isiko loklekla noma ukuc... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaseSandlwana (22 ku -Masingana 1879)/The Battle of Sandlwana (22 January 1879)

Umlando  ngempi yaseSandlwana #Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo. Impi yaseSandlwana yalwa mhla zingama 22 ku Masingana 1879 . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi, uZulu ngaleso sikhathi wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande . Kulempi uZulu wadla umhlanganiso . Impi yamaNgisi yayiningi nge... qhubeka ufunde »

Umlando ngempi yaMakhanda

Impi yaMakhanda Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 ,lempi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaKhandampondo ,noma yimpi kaBhambatha . UBhambatha lona wayengowakwaZondi ,eyinkosi yakhona ,ezalwa inkosi u-Mancinza . Nguyena owabe ehola lempi ,ebambisene nenkosi u-Sigananda kaZwekufa inkosi yaMachube akwaShezi ... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!