AMampondo AMampondo Isifundazwe saseMpumalanga Koloni saziwa njengesifundazwe saMaXhosa, eqinisweni isifundazwe saseMpumalanga Koloni sixube izizwe nezizwe, ezinye zalezo zizwe aziwona aMaXhosa ngokwendabuko. Izizwe ezingewona aMaXhosa yilezi ezilandelayo. EsaMampondo, esaMampondomise,esaMaHlubi, es... qhubeka ufunde »
UNozishada kaMaqhoboza Nzuza UNozishada ka Maqhoboza wabe eliqhawe elikhulu likaZulu ngaphansi kweNgonyama uDingane kaSenzangakhona. Ibutho lakhe kwakuwuDlambedlu nokuyibutho elabuthwa yiNgonyama uDingane kaSenzangakhona . Abantu bakwaNzuza bazalwa nguNdebele owabe eyindodana encane kaMnguni kaNtu .... qhubeka ufunde »
INdlovukazi uNomvimbi Mzimela (uNina weSilo uDinuzulu) INdlovukazi uNomvimbi (okaMsweli) Mzimela yayinguNina weSilo uDinuzulu kaCesthwayo iSilo saseMkhontweni . Kusuke kushiwo yona ezibongweni zeSilo uDinuzulu uma kuthiwa ‘Ithole lakokaMsweli elenyisa liguqile’. Uyise weNdlovukazi uNomvi... qhubeka ufunde »
UNdlela kaSompisi iqhawe lakwaNtuli UNdlela kaSompisi Uma kulandiswa ngomlando wakwaZulu alilibaleki igama likaNdlela kaSompisi Ntuli. Le nsizwa yakwaNtuli yabe iyiqhawe elikhulu leziNgonyama oShaka noDingane . Yayibuthelwe ebuthweni iNtontela nokuyibitho elalimbandakanya uMntwana u-Senzangakhona ,u... qhubeka ufunde »
INkosi u-Dingiswayo kaJobe yaBaThethwa Inkosi u-Dingiswayo kaJobe Uma kulandiswa ngomlando wesizwe sakwaZulu awalibaleki nangephutha amagama amakhosi oDingiswayo noZwide kaLanga inkosi yabakwaNdwandwe. Inkosi u-Dingiswayo igama layo lokuzalwa kuthiwa nguGodongwana , elikaDingiswayo yalithola ngesiga... qhubeka ufunde »
Umlando ngoMehlomakhulu kaMpangazitha HadebeUMehlomakhulu wayeyindodana endala kaMpangazitha,eyisokangqangi,engeyona indlalifa ngoba wayezalwe ekhohlo. Indlalifa kaMpangazitha kwakungu Sidinane owayemncane kakhulu kuMehlemakhulu. Kodwa waba yindlalifa ngesizathu sokuthi wayezalwa endlunkulu. Naye uM... qhubeka ufunde »
Incazelo ngeSiko lokuKlekla Isiko lokuKlakla(ukuchambuza)Uma sibuza kubantu abadala mayelana nokuqala kwaleli siko sithola izincazelo ezimbili. Eyokuqala incazelo ithi leli siko laqala ngesikhathi seNgonyama uShaka.Kuthiwa iLembe lathi lapho liyekisa abantu ukusoka lasungula isiko loklekla noma ukuc... qhubeka ufunde »
Umlando ngempi yaseSandlwana #Kuloba iNtungwa lasenhla kwaSokhumalo. Impi yaseSandlwana yalwa mhla zingama 22 ku Masingana 1879 . Lempi yayiphakathi kukaZulu namaNgisi, uZulu ngaleso sikhathi wayebuswa iSilo u-Cetshwayo kaMpande . Kulempi uZulu wadla umhlanganiso . Impi yamaNgisi yayiningi nge... qhubeka ufunde »
Impi yaMakhanda Impi yaMakhanda yalwa ngowe 1906 ,lempi ibuye yaziwe ngokuthi yimpi kaKhandampondo ,noma yimpi kaBhambatha . UBhambatha lona wayengowakwaZondi ,eyinkosi yakhona ,ezalwa inkosi u-Mancinza . Nguyena owabe ehola lempi ,ebambisene nenkosi u-Sigananda kaZwekufa inkosi yaMachube akwaShezi ... qhubeka ufunde »