Unondlini
Sikleza kogwansile

 

Incazelo ngoLimi lwenkomo  (Berkheya setifera)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! UVezi kofa abantu kosala izibongo ,yizona eziyosala zibadabula , yizona eziyosala zibalilela emanxiweni…..#ISilo uDingane leso , iSilo sakithi eMgungundlovu.. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Le Nduku eniyibonayo kuthiwa uLimi lwenkomo ngesiZulu. Ka se Pedi bare Leleleme la khomo, kapa Ntsoantsane. Lwenzani uLimi lwenkomo? Nina beSilo le Nduku isiza kakhulu uma ngabe umuntu wesifazane ephethwe yiSinye, kuye kuphekwe izimpande  ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoDekane    ( Donca, Sesamum trilobum)

Nina abakaMbomboshe omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMashikizela ashiye impi yakhe yakhe! UVemvane luka Phunga noMageba uVemvane lumabala azibhadu ngibe ngiyalithinta luyahwaqabala lunjengoPhunga waseBulawini lunjengoVumakubangoma! #ISilo uDingane leso .ISilo sakithi  eMgungu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeKhakhasi  (Poppy Mexicana)

Nina abeGwalagwala lika Menzi elisuke eNtumeni kwabheja iShowe kwabheja iNdulinde kwaze kwaya kwabheja noLwandle noThukela ! ISinakanaka sezincwadi ebezibhalwa nguMalimade kwabamhlophe abeLungu! UThambekeka wena owaliwayo thambeka wawuswe iNtambanana nangezinyembezi . Nina beSilo le Nduku eniyibona ... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNdlabaloyi (iNduku)

Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela!! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini beNgoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMancengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala…..#ISilo uShaka leso , iSilo sak... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNdlunkulu uMonase ka Mntungwa Nxumalo 

Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa eZukwini ! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo uyangiwa kithi KwaZulu!#ISilo uMpande leso.. Nina beSilo ake sibheke umlando ngoNdlunkulu uMonase Nxumalo , uNdlunkulu weSilo uMpande .. Wayebongwa ngokuthi USidididi! Umbiliniwezinkabi, Udladlalikhangom... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMababaza  ( Albuca nelsonii)

Nina abakaMkhumbi gudluka sibone amaGumgedlela! USomkhanda wakithi eMkhontweni okhande abezindlu nabezindlwana abezindlu bayikhexa imilimo! UMagalela agase njengenkosi yamaNtshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu!….#ISilo uDinuzulu leso , iSilo sakithi oSuthu. Enhla nasezansi ngethemba basaphi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMtholo   (Acacia caffra)

Nina abeZulu eduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo , UHlamvana bhula umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!! UKhaba limile lodwa ngaseNhlungwane amanye amakhaba emila izixaxelegu!! #ISilo uCetshwayo leso iSilo sakithi oNdini……………. Enhla nasezansi ngiyababingelela bingele... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMhlonishwa  (Psoralea pinnata )

Nina aboVava lwenkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili ! UZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana!# ISilo sakithi eNaleni leso , iSilo uMdlokombane ..Enhla nasezansi ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. UMhlonishwa N... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNkankane   (Hadada ibis)

AMankankane uhlobo lwezinyoni  okukholelwa ekutheni luhlola okubi. Umbala waMankankane unkankane ,kodwa uma uqala ukuwabona aMankankane , kuba ngathi umbala wawo unsundu nokukhatheleyo..Lihle iNkankane, okubi ngalo alihloli inhlanhla *Kuthiwa uma like lwadabula phambi kwakho osohambweni usuke uzoba... qhubeka ufunde »

Umlando ngeNduna uMfangilele ka Mbhungwana Mashazi

UMfangilele kaMbhungwana kaNyakazamakhanda wakwaMashazi wayeyiNduna yomuzi weNkosi uMzilikazi owawubizwa ngokuthi kuseNdinaneni. Kusuke kushiwo wona umuzi waseNdinaneni ezithakazelweni zabakwaKhumalo uma kuthiwa “Nina waseNdinaneni”. Abantu bakwaMashazi basengabantu baseMantshalini, base... qhubeka ufunde »

 

 

 

error: Akuvumelekile lokho !!